News

Uhulumeni uthi akwenziwe isichuse sesithathu,KwaZulu-Natal

NGOWABE enguMengameli weIFP uPrince Mangosuthu Buthelezi.Isithombe.KWINQOLOBANE.

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta), KwaZulu-Natal , uMfu Thulasizwe Buthelezi usenxuse ukuthi akwenziwe isichuse sesithathu lapho kuzobe kuhlonishwa khona owabe enguNdunankulu kaZulu uPrince Mangosuthu Buthelezi , ongasekho owaphinda waba umsungulu noMengameli weqembu Inkatha Freedom Party (IFP).

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango wakwaCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi: uPrince Mangosuthu Buthelezi kumele ahlonishwe njengoba emlandweni kuyavela ukuthi wabamba iqhaza elikhulu ekutheni leli lizwe lithole ukuba nohulumeni wentando yeningi ngonyaka u-1994.

Uthe esitatimendeni, ukusho lokhu emva kokuba kuqoshwe kwaphinde kwabekwa izichuse eThekwini Metropolitan Municipality, lapho kuhlonishwe khona owaba nguMengameli wokuqala wombuso wentando yeningi uDr Nelson Mandela kanye nesika Oliver Reginald Tambo,ngase sitediyami i-Moses Mabhida Stadium.

“uPrince Mangosuthu Buthelezi , wabe ephakathi nendawo etulweni le African National Congress (ANC), eyabe isekubhaceni (exile), kaMnuz Oliver Tambo kanye noDkt Mandela, owagcina enguMengameli wokuqala wentando yeningi,”kusho uMzila esitatimendeni.

Uthe esitatimendeni, uButhelezi (Mangosuthi), wakuqinisekisa ukuthi umzabalazo uyaphila futhi awushabalali ngenkathi abanye besekubhaceni,futhi ngalenkathi uMandela no Tambo bevalwe imilomo, nguyena owabe engumkhulumeli wabo bonke ababecindezelwe.

“Naye akahlonishe njengoba abamba iqhaza elikhulu abanye besekubhaceni futhi becindezelwe nguhulumeni wobandlululo ukuba kuzuzwe le Nkululeko esinayo namuhla,” kusho isitatimende.

Uqhube wathi esitatimendeni, njengoba singekho isichuse sika Prince Buthelezi eThekwini umlando awuphelele,  kufuneka zibe ntathu ngesikaShenge.

“UButhelezi (uMfu), ukusho lokhu ngenkathi bekuklonyeliswa omasipala abenze kahle KwaZulu-Natal (2026 KwaZulu Natal Municipal Excellence Awards), obekubanjelwe eDurban International Convention Centre.

Uthe esitatimendeni, ukungabi bikho kwesichuse sikaMntwana wakwaPhindangene kuyizinkomba zokuthi umlando awuphelele.

Uphethe ngokuthi esitatimendeni, ukufakwa kwesichuse sikaMnwana wakwaPhindangene kanye nabanye ababelwela inkululeko yomuntu omnyama kuzobe kukhombisa ukuhola ngokubambisana ekulethweni kwenkululeko eMzansi Africa, ngabaholi ababephambili emzabalazweni, njengoba nanxa laba babesekubhaceni kodwa uShenge walwa.

 

 

Related Articles

Back to top button