
News
Ibe yimpumelelo inkonzo yeDeanery ,eNewcastle
KUNGENKATHI bekune Mass yeDeanery eNewcastle.Izithombe.ZITHUNYELWE
IBE yimpumelelo i-Mass yeDeanery yebandla lamaKhatholika ebibanjelwe ehholweni i-Farmers,eNewcastle ngeSonto mhlaka 19 ePhreli 2026.
Le nkonzo ibihanjelwe ngamalunga alelibandla aqhamuka emapherishini (different Parishes), ahlukahlukene kanti futhi ibibusiswe ngokuhanjelwa nanguMbhishobhi weBandla uRt.Rev Thomas Graham Rose.
Kuphinde kwabungazwa uFrancis wase Assisi kukhunjulwa ukuthi wadela konke ayenakho , impilo enethezekile ekhaya kodwa waphila impilo yobumpofu.
Bekunandisa nekwaya kulelimisa leDeanery ngomculo.









