
KUNGABE IZWE LASE SUDAN LINAMNOTHO MUNI OWENZA AMANYE AMAZWE ATHANDE UKUNAMATHELA KULO?
NGUMNUZANE Callistus Bheki Nkwanyana.Isithombe.SITHUNYELWE
ABANTU base Sudan babulawa indlala ngenxa yezimpi ezisezweni labo. Impi ephakathi kwabaholi bezempi ezweni lase Sudan yenza umnotho wase Sudan uhlomulise abambalwa ikakhulukazi abaholi kanye nabaphathi bezempi. Lento iyisihlava esikhulu emazweni asuke engaphethwe ngentando yeningi. Imvamisa abantu bakhona baba senkingeni baphinde bangakwazi ukuzwakalisa izikhalazo zabo. Lokhu kudalwa ukuthi basabela izimpilo zabo. Izwe lase Sudan naloke libhekene naleyonhlekelele. Abantu babulawa ubuthaphuthaphu wena owabona izimpukane. Sizobheka ukuthi yimuphi umnotho osezweni lase Sudan ongabe usimamisa izimpilo zabantu bakhona, kodwa lokhu akwenzeki ngenxa yezimpi. Njengawowonke amazwe as Afrika, umnotho wase Sudan ucebisa abezizwe abantu bakhona basale bencela izithuba bengontembuzane. IGOLIDE, izwe lase Sudan linomnotho wegolide ophezulu kakhulu ezwenikazi lase Afrika. Umnotho wegolide wakhona ubalelwa ngaphezulu kuka R $ 160 Billion. Uma ubuka lemali, kusho ukuthi igolide lilodwa nje lingalungisa izinto eziningi ezweni lase Sudan, lingakha ingqalasizinda, lingavuselela konke okonakele ezweni lase Sudan. Leligolide litholakala lapha ezintabeni eziseduze nolwandle i Red Sea. Sizokhumbula ukuthi leyondawo ingaphansi kwe Sudanese Armed Forces(SAF). Lokhu kusho ukuthi imali eyenziwa ileligolide ilekelela lombuso wamasosha ngokuthenga izikhali zombutho ukuze kuqhubeke impi. Impi ke akulula ukuthi iphele uma ngabe kusekhona izinsiza zokuyiqhubezela phambili. Igolide liphinde itholakale endaweni ebizwa nge Nubian Desert okusho ukuthi indawo ewugwadule kodwa ecebe ngezimbiwa ngaphansi komhlaba. Indawo yase Darfur, nayo inomcebo omningi we golide. Izigagayi ze Rapid Support Forces (SAF) izona eziphethe lendawo, ngakho igolide
isiza ukuthenga izikhali uku e ba hubeke nokulwa nezimbangi zabo i Sudanese Armed Forces(SAF). Ngokudlule sishilo ukuthi i Sudanese Armed Forces(SAF) ilawulwa u General Abdel Fattah al-Burhan. Saphinde sasho ukuthi u General Mohamed Hamdan Daglio uyena ophethe izigagayi ze Rapid Armed Forces(RAF). Sizokhumbula ukuthi lababaholi babezwana kodwa bashintshelana ngenxa yokubanga amandla. Bonke lababaholi bombutho wamasosha abalwayo bagweve nezindawo ezinomnotho wegolide obasiza ekulekeleleni izimpi abazilwayo. Abantu base Sudan abahlomuli lutho ngalempi, bona bafuna ukuthula ezweni labo ukuze bakwazi ukuphila impilo njengawowonke umuntu. CHROMIUM(Chromite) loluhlobo lwesimbiwa lusiza kakhulu ekulawuleni ukusebenza kukashukela emzimbeni. Siyazi ukuthi isifo sikashukela isifo esiyingozi emangalisayo esisiqede abantu abaningi emhlabeni jikelele. I Chromium iphinde isize ukulawula izinga lamafutha emzimbeni (Cholestorol). Siyazi ukuthi abantu abaningi baphelile bebulawa
ilesisifo esingumabulala ethule(silent killer). I Chromium iphinde isize ekukhiqizeni isilawula mafutha egazini esibizwa nge insulini(insulin) ukuze abantu bangaphathwa isifo sikasukela kanye nomafutha eqile emzimbeni. Siyabonake ukuthi izwe lase Sudan libusiseke kakhulu kodwa isibusiso sisebenzela abambalwa kanye namazwe angaphandle ngenxa yezimpi ezweni lase Sudan. IRON ORE, Zinc, Lead, Copper and Manganese, zonke lezizimbiwa ziyatholakala ezweni lase Sudan. Uma ubuka lezizimbiwa zibalulekile ekwenzeni eminye imikhiqizo. I Iron ore yakha
insimbi(steel) siyazike ukuthi insimbi yenza umsebenzi omkhulu ekwakheni izindlu, izimoto, amabhanoyi nokuningi, empeleni insimbi iyingxenye yembilo yethu. I Zinc, isiza ekwenseni ungwengwezi oluvikela ukubola noma ukugqwala kwenzimbi. Iphinde ibe nemisebenziemining kwezempilo jikelele. I Zinc uma ixutshwe ne Brass isiza ekwenzeni izinto zomculo. Ayigcini lapho iphinde isize ekwenzeni ama battery ahlukehlukene. I lead isebenza kakhulu ekwakheni izinhlavu zezibhamu nakweminye imisebenzi njengasekwakheni. I Copper siyazi ukuthi isebenza ezintweni eziningi, ngingabala izimoto, amapayipi amanzi kanye nokuningi. I manganese nayo futhi isebenza kakhulu ekwakheni insimbi iphinde ilekelele ekwenzeni insimbi iqine ngokwanele ukuze imelane nazozonke izimo. Uma ngingabala zonke izimbiwa zase Sudan kungathatha isikhathi eside. Kukhona nickel, cobalt, Uranium, Gypsum, Salt, Limestone, Marbles, Kaolite nezinye. Lelizwe liphinde libe no oyela(oil) obalelwa ku 1, 25 Billion barrels ingxe yawo itholakala eningizimu Sudan. Sizokhumbula phela ukuthi njengamanje sikhuluma nge Sudan engingayibiza nge Sudan esenyakatho(Northern Sudan). Sizokhumbula ukuthi sikesasho ukuthi emva kwempi yomkhaya(Civil war) izwe lase Sudan lahlukaniswa kabili. Kwaba ne Sudan esenyakatho(Northern Sudan) kanye ne Sudan ese Ningizimu(Southern Sudan). Ngethemba ke namhlanje sibonile ukuthi kwesinye isikhathi ukunotha kwezwe kuba yisiqalekiso kunesibusiso. Umnotho udala uqhekeko kanye nezimpi. Uma ubuka lezizimpi ziphenjwa abantu bangaphandle ukuze bazuze umnotho wezwe. I Afrika icebe ngendlela emangalisayo kodwa inobubha obumangalisayo. Alikho izwe kazi elicebe njenge Afrika emhlabeni jikelele. Ukungabibikho kobumbano(Unity) ikhona okumise intuthuko yezwekazi lase Afrika. Singasho singananazi ukuthi intuthuko, ubumbano lezwekazi lase Afrika kuvinjwe abaholi bakhona.
Mnumzane: Callistus Bheki Nkwanyana
Uneziqu ze: Masters in Governance and Political Transformation
Wayengumqondisi: KZN office of the Premier: Community Partnership and Moral
Regeneration
Ungumbhali wezincwadi:
1. “Talking to yourself, the journey to self-discovery”
2. “Understanding my daughters as their father”
Uyatholakala ku: nkwanyanacb60@gmail.com /0665445466 Ucingo / WhatAPP



