News

Uhulumeni wendlulise amazwi enduduzo emndenini kaDkt Ntuthuko Mahlaba

KUNGENKATHI esadla anhlamvana uDkt Ntuthuko Mahlaba.Isithombe.KUNQOLOBANE

UNDUNANKULU esiFundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli , usendlulise amazwi enduduzo emndenini, izihlobo, abangani, eqenjini likaKhongolose kanye nakozakwaba ebesebenza naye kwisiShayamthetho saKwaZulu-Natal, lokhu kulandelwa ukundlula kwakhe emhlabeni ngokushayiswa imoto ngenkathi ebegijima esitaladini esisenkabeni yedolobha i-Allen Street, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngoMgqibelo ekuseni.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela ihhovisi likaNdunankulu uMnuz Lindani Mbatha sithi:” Kundlule emhlabeni uDkt Ntuthuko Mahlaba emva kokushayiswa imoto.”

Uthe esitatimendeni, uMahlaba usebenze njengoSihlalo wosihlalo esiShayamthetho SakwaZulu-Natal, wabe nguMeya waseNewcastle,uNgqongqoshe weZemidlalo, ubuCiko kanye nezamaSiko. Uqhube wathi esitatimendeni , uDkt Mahlaba uphinde wasebenza njengongqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu kanye nezemiSebenzi yomphakathi.

Uqhube wathi esitatimendeni, uMahlaba ubesebenza ngokukhulu ukuzimisela futhi ewuhlonipha nomsebenzi wakhe.

“UDkt Mahlaba ubambe iqhaza elikhulu kwezokuphatha kuhulumeni kanye nakwezepolitiki,” kusho uMbatha esitatimendeni.

 

 

 

Related Articles

Back to top button