News

Uhulumeni ugxeka ukubulawa kwekhansela ngesihluku,eThekwini

NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi usegxeke isigameko  sokudutshulwa kubulawe iKhansela lakuWadi 17 eThekwini uKhhansela Sibusiso Khwela,odutshulwe wabulawo esehhovisi lakhe esiza abantu.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango wakwaCogta uMnuz Siboniso Mngadi sithi:”Kudutshulwe kwabulawa uKhansela Sibusiso Khwela , odutshulelwe ehhovisi lakhe ebhizi esiza abantu.

Ube esendlulisa amazwi enduduzo kuzihlobo, abangani kanye nakunhlangano ye African National Congress (ANC).

UButhelezi usigxekile isigameko sokudutshulwa kubulawe uKhansela Khwela.

Uqhube wathi esitatimendeni, lokubulawa kwaleli khansela kuletha ukwesaba kwizakhamizi njengoba lelizwe libheke okhethweni lohulumeni basemakhaya mhlaka 4 Novemba 2026, njengoba ungqongqoshe wakwaCogta kuzwelonke uMnuz Velenkosini Hlabisa eselifakile usuku lokhetho kusomqulu wezwe (Gazetted the date).

Uthe esitatimende, uKhwela udutshulwe wabulawa ebhizi nomsebenzi wakhe esiza izakhamizi.

“Lezi zigilamkhuba kumele ziboshwe njengoba zidala ukuthi kungabibikho uzinzo njengoba kuyiwa okhethweni,”kusho yena, eqhuba ethi amakhansela kumele enze umsebenzi wawo nsuku zonke asize izakhamizi.

Uqhube wathi esitatimendeni, aluvumekile udlame njengoba kubhekwe okhethweni.

Uphethe ngokunxusa izakhamizi esitatimendeni, ukuba zonke ezinolwazi ukuba zibikele amaphoyisa ukuze ziboshwe lezi zigilamkhuba ziphinde zijeze.

 

 

Related Articles

Back to top button