
Kuvulwe ngokusemthethweni umtapo wolwazi oseqophelweni eliphezulu eMvoti
NGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntulu , uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula kanye nezikhulu zomnyango.Izithombe.ZITHUNYELWE
UNDUNANKULU esiFundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ehambisana noNgqongqoshe weZemidlalo uMnuz Mntomuhle Khawula, bavule baphinde banikezela ngokusemthethweni umtapo wolwazi oseqophelweni eliphezulu (State of the Art), iShane Study Library, ngaphansi kukaMasipala uMvoti ngoLwesihlanu namuhla mhlaka 21 Agasti 2026.
Isitatimende esithunyelelwe iphephandaba sithi:” Lo mtapo wolwazi udle imali engu-R47 million kanti futhi uphothulwe ngoJulayi ukwakhiwa kanti kuhloswe ngawo ukugqugquzela isiko lokufunda, ezemfundo kanye nokuthuthukiswa kwezakhamizi zaseMvoti.
“ Kulesakhiwo kukhona umtapo wolwazi, indlu kanogada, indawo yokupaka izimoto kanti ibiyelwe kahle kakhulu njengoba kuhloswe ngayo ukulekelela abafundi, amathishela kanye nezakhamizi,”kusho isitatimende.
Siqhube sathi, kudaleke amathuba omsebenzi angu-35 kwizakhamizi ngenkathi kwakhiwa lo mtapo wolwazi, okubalwa kubo abesifazane, intsha kanye nabakhubazekile.
Sithe, osomabhizinisi bendawo baphinde bahlomula ngemali engu-R1.9 million, ukuze kwakhiwe ikusasa eliqhakazile kwizakhamizi.




