News

Uhulumeni ubonge iKhomishana yaseBritain ngokuphucula ezokuxhumana ezindaweni zasemakhaya,eNanda

NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi uNkk Lisa Weedom oyibamba likaKhomishana wase Britain. Izithombe.ZITHUNYELWE

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta),uMfu Thulasizwe Buthelezi usencome kakhulu i-British High Commission ngokuphucula ezobuchepheshe zokuxhumana ezindaweni zasemakhaya.

Ikhombise lokhu ngokutshala ohlelweni olwaziwa ngokuthi i-Local Community Network Operators lokusabalalisa ezobuchepheshe zokuxhumana ezindaweni ezisemakhaya kanye nezisemalokishini.

Kuvelile ukuthi lolu hlelo lwethulwe endaweni yaseNanda izolo mhlaka 25 Agasti 2026.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango wakwa Cogta uMnuz Siboniso Mngadi sithi:” Kwethulwa lolu hlelo eNanda kanti i-Provincial Government ibimelwe nguMfu Buthelezi,

Uqhube wathi esitatimendeni, i-Sustainable Connectivity and Community-Led Digital Economies in South Africa Project yethulwe ngu-Her Excellency uLisa Weedon, oyibamba le British High Commissioner to South Africa, eNanda Township, ngoLwesibili mhlaka 25 Agasti 2026.

Uthe esitatimendeni, isiFundazwe saKwaZulu-Natal sibe ngesinye esihlomule ngemali engu-R5million etshalwe yiBritish High Commission ukuze kulekelelwe i-Local Community Network Operators kanye nokwakha inqalasizinda  yezokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje manje.

“Lolu hlelo luzusise izakhamizi zaseNdwedwe kanye naseNanda,”kusho yena.

Ethula inkulumo yakhe uButhelezi ulwemukele ngezandla ezimhlophe lolu hlelo wathi lizohlomulisa izindawo zasemakhaya ngezokuxhumana zobuchwepheshe besimanje manje., lwaphinde lwadala namathuba omsebenzi kwabantulayo.

Uqhube wathi esitatimendeni, i-KwaZulu-Natal inkulukazi kanti futhi inezindawo eziningi ezingamakhaya futhi lapho zingekho ezokuxhumana zobuchwepheshe besimanje manje (internet).

“Siyabonga kakhulu ngeBritish High Commission ngokwelula isandla ixhase izindawo zasemakhaya,”kuphetha uButhelezi.

 

Related Articles

Back to top button