
Uhulumeni uvakashele eMsinga
NGUNDUNANKULU uMnuz Thami Ntuli kanye nongqongqoshe besiFundazwe saKwaZulu-Natal. Izithombe.zithunyelwe
UNDUNANKULU wesiFundazwe saKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ehambisana nongqongqoshe kanye namakhansela bavakashele eMsinga ngaphansi kwesiFunda uMzinyathi , ngaphansi kohlelo i-Sukuma Sakhe, lapho beqale khona ezinkundleni zemidlalo i-Solomon Linda Sports Field ngoLwesithathu mhlaka 26 Agasti 2026.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uNdunankulu uMnuz Lindani Mbatha sithi:” UNtuli nethimba lakhe baqale ngokuvakashela abalimi nabasebenza ngezingadi (communal gardens), bafike banikelela ngezinsiza, izithombo, nokunye ngenhloso yokweseka abalimi abasafufusa baseMsinga.
Uthe esitatimendeni, uNtuli uphinde wahlangana nohlaka olulwisana nobugebengu emphakathini (Community Policing Forum), ngenhloso yokuligqugquzela ukuthi aliqhubeke lusebenze ngokukhulu ukuzikhandla lulwisane nobugebengu kulendawo, luphinde luvikele izakhamizi.
Uqhube wathi esitatimendeni, uNtuli uphinde wayovula ngokusemthethweni amathawa (towers), aqinisekisayo ukuthi abantu balendawo bayakhona ukuxhumana besebenzisa ezobuchwepheshe besi manje manje , nasezinkundleni zokuxhumana futhi abafundi namathishela bakwazi ukwenza imisebenzi yasemakhaya (homework) kanye neyesikole kusetshenziswa ezokuxhumana zedigital, baphinde bafake izicelo zokuyofunda emanyuvesi kanye nokufaka izicelo zemifundaze.
“I-Operation Sukuma Sakhe inesiqubulo esithi“One District, One Plan, One Budget”, lokhu okuchaza ngokusobala ukuthi ukuletha uhulumeni kwizakhamizi ikona okubaluleke kakhulu,”kusho yena, eqhuba ethi, bekuphume bonke ongqongqoshe beminyango ehlukahlukene esiFundazweni saKwaZulu-Natal , beyovakashela izakhamizi zaseMsinga ngenhloso yokuzwa izidingo nqangi zazo, kanye nokwelekelela ekuphuculweni kwezimpilo zezakhamizi.
Kuphinde kwavela ukuthi uNtuli ubehambisana nesigungu esiphezulu (Executive Council Members) , kanye namakhansela ukuze azokwethula asekwenzile ekuthuthukiseni izimpilo zezakhamizi, kanye nasekutholeni zinqinamba nezinselelo abasabhekane nazo.
Isitatimende siphetha sithi, kunikelelwe ngezitifiketi kwabathize, izipho kanye nokuthize kokubonga (token of appreciation).




