KUXWAYISWA umphakathi ukuthi ungaphathi isamba semali, kuyingozi!
Ngokusho kokhulumela ezokuxhumana eNewcastle, uNkk Lizzy Arumugam, ukuphatha imali encane kuyavikela ezigebengwini, kanti futhi ukubhanga usebenzisa inthanethi Kanye nokiyindulisela ngezinkundla zokuxhumana kuhle kakhulu, kulula kuyashesha kuphephile. “Sekungesekupheleni konyaka manje izitokuvela zizobe zihlukanisa izimali ebezizibeke unyaka wonke, “kusho yena , eqhuba, ethi ukunikezelana ngama akhawunti ukuthi imali ifakwe khona iyona ndlela ephephile. “ Ngaso sonke isikhathi kuyaphutshuka ukuthi abantu bazobe behlukanisa imali ngelanga elithize bese izigebengu , zicupha umgoga zibakhuthuze yonke imali abebeyonga unyaka ngenhloso yokuzithengela okumnandi ngesikhathi samaholidi,”esho. Uqhube wathi kunezigameko ezining lapho abantu begcine bebulawa , bebulawela yona lemali yezitokuvela, bebulawa izigebengu ezisuke zizobakhuthuza. “Khethani izinsuku zokufaka imali emabhange futhi ningaphathi imali engukheshi uma niyodiphozitha. Ningalokothi nikhombise abantu izinombolo zenu eziyimfihlo, nokubhanga esidlangalaleni. Niqinisekise ukuthi aniyivezeli umphakathi imali eniyoyifaka ebhange umphakathi noma nimile kolayini,”esho, eqhuba ethi ningaphathi izikhwama zemali, amabhulufukasi uma niyofaka imali noma nivezele umphakathi amabhuku amarisidi uma niyofaka imali. “Kubalulekile ukuthi ungahambi ibanga elide wedwa uma uyofaka imali ebhange yiba nozoba iso lakho,”eqhuba. Ukuvezile ukuthi abantu babanjwa inkunzi nje yingoba batshela abanye abantu ukuthi bazobe bephethe izindodla zezimali ngalezozinsuku, bese bebathengise emigulukudwini. “Nabanezinkontileka bayanxuswa ukuba bangakhokheli abasebenzi babo kubuka noma ngabe ubani, okulula nokungcono ukubaholela emabhange. Uphethe ngokuthi ngosuku lomholo abantu noma abanikazi bezinkampani kumele bakugweme ukuhamba ngezimoto ezibhaliwe beyokhipha imali emabhange ngoba lokho kubadonsela izigebengu.