KWEHLE izinyembezi zenjabulo kumfundi ofunda esikoleni samabanga aphezulu Emfundweni, endaweni yae Emfundweni, eDannhauser, ngenkathi egixabezwa ngomfaniswano wesikole ngelanga lokugubha usuku lwamasiko mhlaka 24 September 2023. Kuvelile ukuthi lomfundi owenza ugrade 11, kulesikole esibalulwe ngenhla ukuthi ugixabezwe ngomfaniswano ngusekela Thishanhloko uMnu Mvikeleni Ndlovu, emva kokubona ukuthi umfaniswano awugqokayo awukho esimeni sokugqokwa, wabe esefaka isandla ephaketheni. Kuphinde kwavela ukuthi lomfundi washonelwa ngabazali esemncane kanti futhi ukhuliswa ngugogo wakhe. UMnu Ndlovu utshele leli phephandaba ukuthi emva kokubona lomfana wesikole egqoke umfaniswano ongekho esimeni wabe esenhlonza yena njengovela emndenini ohlwempu, wabe esemthengela umfaniswano ukuze naye afane nezinye izingane, angabonakali ukuthi uvela emndenini ontulayo. Uqhube wathi baningi abafundi abayeka isikole ngenxa yokuhlekwa abanye ngenxa yokuvela emindenini engathathi entweni. Uthe labafundi abafake amaklesibhande bazibiza ngamagcokama kanti yena usekela Thishanhloko bambiza ngeqwele. Uthe ucangile ukuthi ngalolusuku lokugubha kwamasiko akamthengele umfaniswano. Lomfundi uMasuku ubonge kakhulu ngomfaniswano, wathi ugogo wakhe akanayo imali yokumthengela umfaniswano ngoba ethenga okuya ngasethunjini. Uthe Inkosi ikubusise lokhu okwenze kimi ngathi ungakwenza nakwabanye.