UMNYANNGO weZemfundo KwaZulu-Natal, uyazikhaba izinsolo ezithi kunephepha eliputshulkile ngenkathi kubhalwa izivivinyo zikamatikuletsheni.Kuvele izinsolo ukuthi bekunonsolo zokuputshuka kwephepha ngenkathi kubhalwa izivivinyo zikamatikuletsheni, esikoleni samabanga aphezulu i-Karina Secondary.Okhulumela umnyango uMnu Muzi Mhlambi uthe bewumnyango baqinisekisile ukuthi izivivinyo zihamba ngendlela kuzo zonke izikhungo obekubhalwa kuzo. Uthe imfundo ihlelwe ngendlela yokuthi ngishi iphutha elincane elenziwa umuntu liyabonakala, ukuqinisekisa ukuthi izivivinyo zikamatikuletsheni zihamba kahle.. KUthe ngenkathi lesikole esibalulwe ngenhla kuthiwe ngenkathi behambisa iphepha lesingisi kube sekusala ele-Relirious elingamaphakethe angu-17. Uthe obhekelele ukubhalisa ukhonile ukubona ukuthi kulethwe iphepha elirongi, wabe esehlaba umkhosi.Uqhube wathi obhekelela ukubhala (Chief Investigator), uthe konke kuhambe kahle. Uthe kulesikole asifundwa isifundo sezenkolo. Uphethe ngokuthi izivivinyo zihambe kahle kakhulu.
Kuphothulwe uhlelo lokuvakashela izikole, kwanikezelwa ngezinsizakufunda esikoleni i-Sicelokuhle,oThukela
KUNGENKATHI kunikelelwa ngezinsiza kufunda. Isithombe. SITHUNYELWE UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uphothule uhlelo lwakhe lokuvakashela izikole esifundazweni ,wabe esenikezela...