Friday, May 9, 2025
DONATE
PROFILE
  • Login
  • Register
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
ADVERTISEMENT
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
Subscribe
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
No Result
View All Result
Home Letter Community

UMnyango wezokuQashwa nezabaseBenzi uthi uzibekezelele kakhulu izimboni zendwangu

by Langelihle Chagwe
March 19, 2024
in Community
Reading Time: 2 mins read
A A
0
UMnyango wezokuQashwa nezabaseBenzi uthi uzibekezelele kakhulu izimboni zendwangu
Share on FacebookShare on Twitter

SINIBEKEZELELE kakhulu futhi isikhathi eside. Lamazwi ashiwo nguJenene weziPekta (Inspector General) ,u-Aggy Moila womnyango wezokuQashwa kanye nezabaseBenzi ngenkathi ebethula inkulumo  yakhe  (Employment and labour), ngesidlo sasekuseni ngelendlule mhlaka 13 March 2024, esithangamini ebesihlelwe yiwo umnyango. Kuvelile  esitatimendeni  sakhe ukuthi  lomnyango osubalulwe ngenhla ubukhuluma nezimboni zendwangu kanye nepulanga (Clothing and Textile), ngenkathi esho lamazwi. “ Siyazi ukuthi sinibekezelele kangakanani kulemboni , yingakho sesame ndawonye,” kusho yena esitatimendeni. Uqhube wathi inhloso enkulu yalesithangami sasekuseni ukuzoqwashisa abasebenzi abahlukunyezwayo futhi sibazise ngamalungelo abo uma besemsebenzini. “ Kunezinselelo eziningi ezibhekene nalezimboni esezibalulwe ngenhla ezingayulandeli imigomo nemithetho okumele zisebenze ngaphansi kwayo,” esho. Baphinde baxoxa ngezindlela zokulungisa ukuthi lemithetho migomo ebekelwe izimboni ilandelwa kanjani, kanye nokubeka umhlahlandlela nezisombululo zokuthi kuqedwa nya ukungalandelwa kwalemithetho migomo yizimboni. Ukuvezile ukuthi izinselelo ezinkulu ababhekene nazo kulezimboni ukuqashwa kwabokufika abangenawo ngisho amaphepho noma izimvume zokuba kuleli, ukuvalelwa kwezisebenzi ezimbonini, ukugcina izinja ngaphakathi ezimbonini, ukucashisa abasebenzi uma kufika izipekta, ukusebenzisa abasebenzi ezindaweni ezingahlanzekile futhi ezingekho emthethweni  nezingaphephile kanye nokuguqula izimboni baziphendule imifelandawonye (Co Ops), ngoba bebalekela imithetho elawula ezabasebenzi (Employment Laws) kanye nokunye okungukuphula umthetho. Ube esecaba indlela yokuthi abasebenzi abasebenze ngaphansi kwezimo ezivumelekile, ukugqugquzela ukudalwa kwamathuba omsebenzi, ukuqinisekisa ukuthi amalungelo abasebenzi awaphulwa , ukuvikeleka kwabasebenzi kanye nokuqgugquzela ukuthi kuba  nezinxoxo  mpikiswane ngakho konke okumele kwenzeke ezimbonini. Uthe sizibophezele ekutheni siyashintsha indlela lezimboni i-Clothing and Textile, abezisebenza ngayo. Umnyango kanye ne-Bargaining Council for Clothing and Textile ubone  ukuthi kunezinselelo eziningi ezibhekene nalomkhakha, base benxusa uhulumeni ukuba alwisane futhi aqinisekise ukuthi ubathathela izinyathelo zomthetho laba abaphula imithetho yezabasebenzi. Uthe enye into athe iyinkinga enkulu ukuhola ngokulingana kanye nangamaholo agunyaziwe (National Minimum Wage), abathe akulandelwa sanhlobo ngoba abaqashi bakhokhela abaqashwa imali abayithandayo. “ Abanye  abaqashi bathola izeluleke kwi-Southern African Development Community (SADC) emazweni afana nako-Lesotho, Eswatini  kanye nase-Malawi, lapho uthola khona ukuthi intengo iphansi bese kuthengwa impahla ilethwa kuleli (import). Kulesithangami kuphinde kwaphakamiswa ukuthi ngathi singaphinde sibe khona lapho kuzomele abadayisi okuyibona ababambe iqgaza elikhulu khona babe khona nabo. Uthe manje kulesithangami ababona ukuthi kumele sibe khona kumele kube khona osomabhizinisi, uhulumeni, izinyunyana kanye nazo zonke izinhlaka ezikhona emnothweni. Uphethe ngokuthi ukuhambela lezimboni ukuyozihlola into ebalulekile kakhulu okufuneka yenziwe kusukela maje bese kuthi zingakapheli izinyanga eziyisithupha bese kuzothulwa okutholakalayo uma zihlolwa.

ADVERTISEMENT
Langelihle Chagwe

Langelihle Chagwe

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers. It aimed in promoting reading and to disseminate informatio or to inform the community at large about the news that is happening around them. It also aimed at promoting the culture of going back to basics and promote the reading using indigenous languages which is now fading. Going online will also help to educate, inform the public about news happening around them and nationally.

Related Posts

Kuzokwakhiwa izindlu eziyisishiyagalolunye kwaNongoma

by Langelihle Chagwe
April 15, 2025
0
3

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi , umnuango awubhekile ubambisane nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Old...

Izisebenzi zomphakathi zisebenza ngaphandle kokubheka inzuzo

Izisebenzi zomphakathi zisebenza ngaphandle kokubheka inzuzo

by Langelihle Chagwe
April 14, 2025
0
3

NGU CERNELINE Louw.Isithombe.SITHUNYELWE IZISEBENZI zomphakathi  (Community Workers),zisebenza ngaphandle kokubheka inzuzo futhi zisebenza emphakathi njengamavolontiya,” kusho uNksz Cerneline Louw osebenza  ehhovisini...

Kusale enkundleni imigulukudu emine

by Langelihle Chagwe
April 9, 2025
0
3

KUSALE  enkundleni imigulukudu emine emva kokuba ibidubulana namaphoyisa ngoLwesibili ebusuku. Kubikwa ukuthi amaphoyisa abelandela abasolwa abane abasolwa ngokubulala abantu abathathu....

Uhulumeni wendlulise amazwi enduduzo emndenini womfundi wase Glenwood High

by Langelihle Chagwe
March 21, 2025
0
3

NGUNGQONGQOSHE uMnuz Sipho Hlomuka.Isithombe.SITHUNYELWE UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka usendlulilse amazwi enduduzo emndenini, kubangani nakuzihlobo zomfundi obefunda esikoleni samabanga...

Umsolwa uvele kafushane eNkantolo yase Port Shepstone

Kuboshwe abasolwa abathathu kwashaqwa izibhamu, izidakamizwa

by Langelihle Chagwe
March 19, 2025
0
3

ZIBHAMU ezishaqwe kuboshwa abasolwa.Izithombe.ZITHUNYELWE ABASOLWA abathathu bakhalelwe ngamaSongo kaS’Gonyela emva kokuba betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni, ezigamekweni ezimbili ezahlukene eGumbantana nase...

Umsolwa uvele kafushane eNkantolo yase Port Shepstone

Umsolwa uvele kafushane eNkantolo yase Port Shepstone

by Langelihle Chagwe
March 19, 2025
0
3

SIBHAMU esitholakale kuNgcobo.Isithombe.SITHUNYELWE ULINDOKUHLE Ngcobo uvele kafushane eNkantolo kaMansthi wase Port Shepstone ngoMsombuluko , ebhekene necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni...

Recommended

Kuxwayiswa umphakathi ngamaqola abathembisa umsebenzi, afune imali

12 months ago
3
USihlalo wobuholi bendabuko esifundazweni uthi udumele , uphoxekile ngokuputshuka kwencwadi eyimfihlo eyeSilo Misizulu

USihlalo wobuholi bendabuko esifundazweni uthi udumele , uphoxekile ngokuputshuka kwencwadi eyimfihlo eyeSilo Misizulu

12 months ago
3

About Us

Izwi Lomphakathi Newspaper

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers.

Associations

Category

Socials

Newsletter

  • About
  • Advertise
  • Subscribe
  • Contact
  • Terms & Conditions
  • Privacy Policy
  • Cookie Policy (ZA)

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

No Result
View All Result
  • Politics
  • Municpality
  • Local Business
  • Provincial
  • National
  • Entertainment
  • Events
  • Schools
  • Announcements
  • Sports
  • Community
  • Letter
  • Crime
  • People
  • Local Heros
  • Food

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

Welcome Back!

Login to your account below

Forgotten Password? Sign Up

Create New Account!

Fill the forms below to register

All fields are required. Log In

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.

Log In
Manage Cookie Consent
We use technologies like cookies to store and/or access device information.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage options Manage services Manage {vendor_count} vendors Read more about these purposes
View preferences
{title} {title} {title}