SINIBEKEZELELE kakhulu futhi isikhathi eside. Lamazwi ashiwo nguJenene weziPekta (Inspector General) ,u-Aggy Moila womnyango wezokuQashwa kanye nezabaseBenzi ngenkathi ebethula inkulumo yakhe (Employment and labour), ngesidlo sasekuseni ngelendlule mhlaka 13 March 2024, esithangamini ebesihlelwe yiwo umnyango. Kuvelile esitatimendeni sakhe ukuthi lomnyango osubalulwe ngenhla ubukhuluma nezimboni zendwangu kanye nepulanga (Clothing and Textile), ngenkathi esho lamazwi. “ Siyazi ukuthi sinibekezelele kangakanani kulemboni , yingakho sesame ndawonye,” kusho yena esitatimendeni. Uqhube wathi inhloso enkulu yalesithangami sasekuseni ukuzoqwashisa abasebenzi abahlukunyezwayo futhi sibazise ngamalungelo abo uma besemsebenzini. “ Kunezinselelo eziningi ezibhekene nalezimboni esezibalulwe ngenhla ezingayulandeli imigomo nemithetho okumele zisebenze ngaphansi kwayo,” esho. Baphinde baxoxa ngezindlela zokulungisa ukuthi lemithetho migomo ebekelwe izimboni ilandelwa kanjani, kanye nokubeka umhlahlandlela nezisombululo zokuthi kuqedwa nya ukungalandelwa kwalemithetho migomo yizimboni. Ukuvezile ukuthi izinselelo ezinkulu ababhekene nazo kulezimboni ukuqashwa kwabokufika abangenawo ngisho amaphepho noma izimvume zokuba kuleli, ukuvalelwa kwezisebenzi ezimbonini, ukugcina izinja ngaphakathi ezimbonini, ukucashisa abasebenzi uma kufika izipekta, ukusebenzisa abasebenzi ezindaweni ezingahlanzekile futhi ezingekho emthethweni nezingaphephile kanye nokuguqula izimboni baziphendule imifelandawonye (Co Ops), ngoba bebalekela imithetho elawula ezabasebenzi (Employment Laws) kanye nokunye okungukuphula umthetho. Ube esecaba indlela yokuthi abasebenzi abasebenze ngaphansi kwezimo ezivumelekile, ukugqugquzela ukudalwa kwamathuba omsebenzi, ukuqinisekisa ukuthi amalungelo abasebenzi awaphulwa , ukuvikeleka kwabasebenzi kanye nokuqgugquzela ukuthi kuba nezinxoxo mpikiswane ngakho konke okumele kwenzeke ezimbonini. Uthe sizibophezele ekutheni siyashintsha indlela lezimboni i-Clothing and Textile, abezisebenza ngayo. Umnyango kanye ne-Bargaining Council for Clothing and Textile ubone ukuthi kunezinselelo eziningi ezibhekene nalomkhakha, base benxusa uhulumeni ukuba alwisane futhi aqinisekise ukuthi ubathathela izinyathelo zomthetho laba abaphula imithetho yezabasebenzi. Uthe enye into athe iyinkinga enkulu ukuhola ngokulingana kanye nangamaholo agunyaziwe (National Minimum Wage), abathe akulandelwa sanhlobo ngoba abaqashi bakhokhela abaqashwa imali abayithandayo. “ Abanye abaqashi bathola izeluleke kwi-Southern African Development Community (SADC) emazweni afana nako-Lesotho, Eswatini kanye nase-Malawi, lapho uthola khona ukuthi intengo iphansi bese kuthengwa impahla ilethwa kuleli (import). Kulesithangami kuphinde kwaphakamiswa ukuthi ngathi singaphinde sibe khona lapho kuzomele abadayisi okuyibona ababambe iqgaza elikhulu khona babe khona nabo. Uthe manje kulesithangami ababona ukuthi kumele sibe khona kumele kube khona osomabhizinisi, uhulumeni, izinyunyana kanye nazo zonke izinhlaka ezikhona emnothweni. Uphethe ngokuthi ukuhambela lezimboni ukuyozihlola into ebalulekile kakhulu okufuneka yenziwe kusukela maje bese kuthi zingakapheli izinyanga eziyisithupha bese kuzothulwa okutholakalayo uma zihlolwa.