UNGQONGQOSHE weZemfundo esiFundazweni zaKwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer, uyaziphikisa izinsolo ezivela ezinkundleni zokuxhumana lapho , kusatshalaliswe ukuthi uke wabhala ekhasini lakhe leFacebook, ebuza omunye umuntu ukuthi ngabe unayo yini inkampani noma cha. Uthe akusilona ikhasi lakhe leFacebook leli okusatshalaliswa lomkhonyovu kulo.Uthe esitatimendeni kunomkhonyovu wokusebenzisa i-akhawunti ekungesiyo eyakhe kubuzwa abantu ukuthi ngabe banayo yini inkampani. Uthe angikaze ngibuze muntu mina ngenkampani, lokhu okubhalwe ngaphansi kweFaceboook, amampunge futhi kunamaqola asebenzisa igama lakhe ngenhloso yokuqala abantu, besebenzisa i-akhawunti ekungesiyo eyakhe.. “ Ngiyaziqhelelanisa nalezinsolo esezisabalele ekhasini leFacebook kusetshenziswa igama lami,” esho. Uqhube wathi lokhu bakwenza ngenhloso yokumhlambalaza yena njengomholi ngeke ayenza into efana nalena. Uphethe ngokuthi kunenhloso yokumjivaza kulezinsolo esezisabalele ekhasini okungesilo elakhe leFacebook.
Abamabandla balwemukele ushintsho oluhlogozwayo lokukhethwa kwesigungu esiphezulu, eMajuba
YISIGUNGU sesikhashana esimele amabandla ehlukene eMajuba.Isithombe.SITHUNYELWE ABAMABANDLA eMajuba balwemukele ushintsho oluhlongozwayo lokukhethwa kwesigungu esiphezulu esizomela lesi siFunda Amajuba kunhlangano engamele...