BEKUNOKHUKHULELA ngoqo womkhuleko wabantu besifazane kukhulekelwa ukuqeda amandla omnyama ahlasele abantu base South Africa , lapho kuhlukunyezwa abantu besifazane ngokubashaya , ukubadlwengula kanye nokubabulala. Laba besifazane bangaphansi kwenhlangano i-Trinity Ministries Fraternity abebezokhulekela amandla obumnyama.Manje amabandla ahlukahlukene abone kubalulekile ukuthi ahlanganyele kulokhukhulela ngoqo womkhuleko obubanjelwe esontweni i-ZCC eFairbreeze, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho bekukhulekelwa khona izinto eziningi ezimbi ezenzakalao laphoi bekunxuswa khona ukuthi uNkulunkulu angenelele alekelelo kuliwe nezihlava ezikhungeni izakhamuzi zakuleli. Lapha bonke abantu abebehambele lomkhuleko bebezokhulekelela ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Esinye sezikhulumi esingathandanga ukuba igama laso ukuba lidalulwe sithe;” Akuphele ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. “ Siqhube sathi okunye okubi okwenziwa ngabantu besilisa bakhulelisa izingane ezineminyaka ewu-9, zithole izingane emva kokuba beziheha ngemali ukuba zilale nazo kanti ezinye ngaphandle kokukhulelwa zisencane bazifakela izifo zocansi ezithathelanayo. Baphinde bakhulekela nezingozi esezaba intsakavukela esezindlule nemiphefumulo yabantu abaningi bakuleli. “ Besicela kuNkulunkulu ukuthi anciphise isihlava sokukhulelwa kwezingane zisencane kanye nezingozi ezidlangile emigwaqeni ezindlula nemiphefumulo,” esho. Baphinde bakhulekela amasela antshontsha imfuyo yabantu kanye nezimpahla zasezindlini ukuthi nawo awakuyeke lokho ngoba bahlukumeza izakhamuzi ngoba imfuyo iyifa lomuntu omnyama. Bathe amasela athatha yonke imfuyo esibayeni somuntu okuyifa lakhe alisebenzela kanzima. Banxuse uNkulunkulu ukuba asimamise umnotho ukuze kuqasheke abantwana abafunda bathola iziqu kodwa abaqashekile abanye babo sebegcine bengena ezidakamizweni abanye bangena ebugebengwini futhi iningi lisemajele ngenxa yokwentuleka komsebenzi. Kuvelile ukuthi iningi lentsha selaphuza uphuzo olunamandla ngenxa yokungaqasheki. Baphethe ngokuthi bafisa kube nozwano kanye nobumbane kubantu bakulelizwe ngoba bebona ukuthi alikho ubumbano ezweni kanye nokubekezelelana. Ne Sizwe Sandile Mabanga Foundation ibiynxenye yalomkhuleko, izochazela omama ukuthi isiza kanjani.