UGWETSHWE udilikajele uBongani Ngcobo oneminyaka ewu-28, emva kokulahlwa icala lokudlwengula ngoJuly 2019 , Emagubulundu, Ematimatolo. Kuvelile eNkantolo yesiFunda iGreytown ukuthi kwavulwa icala lokudlwengulwa livulwa owabe eneminyaka ewu-37, kanye nelokubanjwa inkunzi, owabe ehamba nodadewabo ngalesosikhathi yena owakhona ukuphulukundlela wabaleka. Kuphinde kwavela ukuthi lesigilamkhuba sadonsela lona wesifazane ngasemfuleni, lapho safika samdlwengula khona saphinde samuthathela nempahla yakhe okubalwa kuyo nomakhalekhukhwini. “ Kwabe sekuvulwa icala esiteshini samaphoyisa aseGreytown, icala labe selindluliselwa kuSgt Lubgisani Xaba weGreytown Family violence Child protection and Sexual offences investigation unit (FCS), owabe esephenya lelicala , owaphinda wakhona ukubopha uNgcobo , maduzane. Ngolwesine olwendlule mhlaka 29 August 2024 uNgcobo ugwetshwe udilikajele kwelokudlwengula kanye neminyaka ewu-3 kwelokubamba inkunzi. Kwesinye isigameko esingafuzanga lesi uKhomishana wesiFunda Umzinyathi uMaj-Gen Francis Slambert ubongele uWO Senzo Myeni ngokukhulu ukusebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuze kugwetshwe uThokozane Buthelezi oneminyaka ewu-53 , owagwaza wabulala umfowabo, eShiyani ngonyaka ofile u-2023. Kuvelile ukuthi wamgwaza amanxeba amaningi umfowabo, ube esegwtshwa iminyaka ewu-14, iNkantolo yesiFunda i-Dundee, emva kokuba elahlwe icala lokugwaza abulala umfowabo.
Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli
SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...