KUKHAHLAMEZEKE abantu abangu-718 abanye basala dengwane kwacekeleka phansi nezindlu ezingu-180 kuhlasela izimvula ezinamandla ebezihambisana nesishingishane ezingxenyeni ezahlukene zomasipala baKwaZulu-Natal, ngoMgqibelo.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe kukhahlamezeke abantu abangu-718 kwalimala izindlu ezingu-180.
“Omasipala abakhahlamezeke kakhulu uMzinyathi noMgungundlovu. Indawo ekhahlamezeke kakhulu iMbulwane eWadi 1 engaphansi kukaMasipala uMvoti, esifundeni saseMzinyathi,” kusho uNgqongqoshe uMfu Buthelezi.
“Kungcono ngoba kuzo zonke lezi zigameko awukho umphefumulo ophumile nokubikwa ukuthi balimalile. Sibonga kakhulu abezimo eziphuthumayo ngokuphuthuma bayosiza kulabo abakhahlamezekile.
Ngaphansi kukaMasipala wesifunda uMgungundlovu, eMpofana kucekeleke phansi izindlu ezingu-7 ngenxa yemvula enamandla.”
Uphethe ngokunxusa izakhamizi ukuba ziqikelele ekulaleleni izexwayiso ezisuke zixwayisa ngezimvula ezinamandla, kanti nethimba lezinhlekelele esifundazweni lime ngomumo ukusiza ezindaweni ezingase zibe nokukhahlamezeka.
Kuzokwakhiwa izindlu eziyisishiyagalolunye kwaNongoma
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi , umnuango awubhekile ubambisane nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Old...