NGOYINHLOKO yoMnyango weZemfundo KwaZulu-Natal uMnu Nkosinathi Ngcobo.
KUNXUSWE othishanhloko bezikole zomphakathi ukuba banikezele ngezikole ikakhulukazi lezi zomphakathi futhi ezisetshenziswa njengezikhungo zokuvota ukuba bazinikezele kwiKhomishana yezokhetho (Independent Electoral Commission), phecelezi IEC, ngoMsombuluko mhlaka 27 May 2024 kuze kube umhlaka 31 may 2024. Lokhu kuchaza ngokusobala ukuthi zonke lezo zikole ezisetshenziswa njengezikhungo zokuvotela, zobe zingasetshenziwa njengendawo yokufundela noma zobe sihlabe ikhefu ngokomlayelo ogqamuka emnyangweni weZemfundo, KwaZulu-Natal.OyiNhloko yomnyago esifundazweni uMnu Nkosinathi Ngcobo ukhiphe lomyalelo namuhla mhlaka 24 May 2024. Uthe zonke lezozikole kumele zinikezelwe kulekhomishana esibalulwe ngenhla ukuze kubanjelwe ukhetho lohulumeni bezifundazwe kanye nolukazwelonke kanye nokuqinisekisa ukuthi abantwana namathishela abaphazamiseki uma beqhuba izifundo zabo. Uqhube wathi lekhomishana izofuna ukusebenzisa lezikole uma kuqhutshwa lona lolukhetho olubhekwe ngabanzi , futhi olunamaqembu awu-52 ubhalisele ukuvota okungokokuqala ukuba kube khona amaqembu amaningi angaka sekulokhu elaleli sathola umbuso wentando yeningi. Uthi lokhu bakwenza ngoba bebhekelela inhlalakahle kanye nokuphepha kwabafundi ngesikhathi kuqhubeka lolu khetho. “ Lezikole ezisebenza njengezikhungo zokuvota zolahlekelwa isikhathi sokuqhuba uhlelo lokufunda kanye nokufundiswa,” esho. Uthe kumele othishanhloko bakuqinisekise ukuthi lesikhathi esilahlekile siyabuyiswa ngendlela thizeni. Uphethe ngokukhumbuza amathishela ukuthi kuyaziwa ukuthi izinyanga uMay noJune, isikhathi sokubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kwe-National Senior Certificate, akuqinisekisile ukuthi ngeke kuphazamiseke ngenxa yalolukhetho olubhekwe ngabomvu.