UMNYANGO wezokuHlaliswa kwaBantu (Human Settlements), ukhipha isexwayiso kwizakhamuzi mayelana ngamaqola ahambe etshela abantu ukuthi kudayiswa izindlu zomxaso! Kuvelile ukuthi lamaqola aqhuba lomkhonyovu ahambe ekhangise ezinkundleni zokuxhumana kanye nakumaphosta ezitaladini ngawo umkhonyovu wezindlu zomxaso (RDP Houses on sale). “ Lamaqola asebenzisa imininingwane yomnyango, efana nekheli leposi , ikheli lokuzifikela mathupha (physical address), kanye nezinombolo zocinngo zomnyango ngenhloso yokuqola izakhamuzi ezingenalwazi ngabakwenzeyo,” kusho umnyango esitatimendeni.Uqhuba uthi lokhu kwenza ukuthi amagola akwazi ukuthumela noma ukusabalalisa imininingwane yezindlu ezidayisayo lapho bezofaka khona laba abahlose ukubaqola. Lokhubakwenza besebenzisa amagqinga amaningi anjenganalawa alandelayo “ My Sudsidy Application HSS Screenshot”, phecelezi housing subsidy approval letter”, lokhu okuchaza ngokusobala ukuthi umuntu usengumnini muzi. “ Baphinde bakufakele lokhu okulandelayo uma sebeqonde ukukuqola ngawo lomkhonyovu abawusebenzisayo,” deeds office (Windeed) property document,” letter of demand for payments” etc. to the victim. Umnyango uxwayisa umphakathi kanti uphinde uwinxuse ukuthi angekhokhi mali kulabantu abazenza abasebenza emnyangweni ngenhloso yokubaqola.Uma ngabe kukhona okusolayo mayelana nalenkohlakalo kanye nomkhonyovu ungashayela lezinombolo ezilandelayo ukubika.
DHSS Special Investigation Directorate: 012 421 1503/ 1416/1535
DHSS call centre:0800146873
National Anti-Corruption Hotline:0800 701701
The Presidential Hotline: 17737