BABUNGAZE inyanga yamaSiko (Heritage), ngendlela eyahlukile abantu besifazane ngoba bebungaze ukuba ngabantu besifazane ababalulekile ezimpilweni zabantwana babo. Kuvelile ngenkathi bebungaza inyanga yamaSiko eViviswa Business Centre , eNdwedwe, ngelendlule ukuthi iningi labazali noma abantu besifazane bebengazazi izinqinamba nezinselelo ezibhekana nabantwana babo ngoba abakhulumi nabo. Ongumbhali wencwadi iThe Greathearted,, uNkk Thuli Mathebula uthe bona bengabantu besifazane babone kubalulekile ukuba bahlangane ngalenyanga yamaSiko, ukuze badingide ngezinqinamba kanye nezinselelo ezibhekene nabantu besifazane kanye nokukhuliswa kwabo. Uthe isiqubulo sosuku besithi ‘ Journey with Me’ , okuchaza ukuthi ‘ Hamba Nami’. Uthe bebekhuluma ngokuningi bengabantu besifazane kulomgubho lapho kuvele khona ukuthi iningi labantu besifazane abakhulumi nabantwana babo, incindezi yabantwana ebangwa abakhula nabo (peer pressure), kanye nezinye izinselelo ezibhekene nabantwana ,lapho uthola ukuthi ingane ithi incane isibhekene nenselelo yokukhulisa obhuti sosisi bayo sebendlulile abazali emhlabeni. Uthe bekuboniswana ngezinto eziningi nano kuthi uma usuke wabhekana nenselelo ethize noma inqinamba ethize uphuma kanjani kuyo, kanti kulombungazo bekukhona izikhulumi ezahlukahlukene okubalwa kubo nommeli, obemenyiwe ukuba yingxenye yalombungazo. “ Sibungaze ukuba ngabantu besifazane ngenyanga yamaSiko,” esho. “ Lomcimbi bekungowokuzibongela ngokuba abantu besifazane,” eqhuba. Uphethe ngokuthi abazali abazi ngezimpilo zezingane zabo nezinqinamba ezibhekene nazo, futhi baphinde bavuleleke ezinganeni zabo ukuze zikhululeke zikhulume uma zibhekene nezinselelo. USlondiwe Skhakhane uthe kubuhlungu ukulahlekelwa ngumama ngoba kumele uthole indlela yokundlula kulobo buhlungu osuke ubhekene nabo. Uthe umama uyinsika yekhaya, uma sekuhambe yena kuyabonakala. UPhindile Khumalo uthe into enzima ukuba ngumzali osemncane, uthi uyingane nawe sekumele unakelele ingane nawe ungakakwazi ukuzinakelela ngokuphelele. Uthe ukukhulelwa usemncane akusiyona into enhle ngoba ikufakela incindezi kwawena ukuba umzali usemcane. Uphethe ngokuthi kulikhuni ukuba ngumzali usemncane.
UNdumiso Mathebula yena uveze incindezi edlawa ngabantu okhula nabo ngezindlela ezahlukile ngoba kubakhona isikhathi lapho wenza khona into enhle noma embi ngoba uyibona kolingana nabo. Uthe ezinye ziyakwakha kanti ezinye zibulala ikusasa lakho. UNtuthuko Mathebula uthe kumnandi ukukhuliswa ngabazali bakho bobabili ngoba uhlale ujabule, ufudumele ngoba usuke unakelelwe ngabazali bakho bobabili.UMnu L Zondi ummeli yena ukhulume ngamalungelo ezingane kanye nokubhekelelwa kwazo. Uqhube wathi waze wakhetha lomkhakha wezomthetho ngoba wayebona ukuthi izingane azinakelelwa ngendlela egunyazwe ngumthetho. Uphethe ngokuthi ngangibona izimo abantwana ababekhula ngaphansi kwazo. Umbhali wencwadi esihloko sithi GREATHEARTED, uNkkThuli Aloisia Mathebula , abantu kumele bafunde ukuthanda , ukuxolela nokundlulisa. Lencwadi ikhuluma isiqubulo sayo sithi ‘Hamba Nami’ ,aikhuluma kakhulu ngabantu abhlukumezeka ngezindlela eziningi kodwa ithi mabandlulise futhi bandlule kuko. “ Abantu abaningi bayathula noma abaphumeli obala ngokuhlukumezeka abake babhekana nako nabasabhekane nakho,” esho. Kuphinde kwavela ukuthi lombungazwe ube yimpumelelo enkulu kanti futhi ubuhanjelwe nangabantu besilisa baphinde baba nokuthize abakushoyo. “ Imimoya ike yaphakama kakhulu kubakhona usizi nomunyu uma uzwa abantwana bekhuluma ngezinqinamba ababhekana nazo. “Isiqubulo ‘Hamba Nami’ sisho ukuthi akulungiswe izimpilo zabantu abaningi ababhekene nezinkinga,” kusho uKk Mathebula. Uphinde wabonga bonke abaphumelele nabenze ukuthi lomcimbi ube yimpumelelo. Uphethe ngokuthi omunye umcimbi uhlelwe ukuba ube mhlaka 28 September 2024,eGauteng, lapho kuzobe kuhambele khona amaCiko omculo wokholo, ababhali bezincwadi, Henry Bloodwash weLogstream online radio, Radio Pulpit kanti lokhu kobe kwethhulwa bukhoma kulemisakazo ozobe kugujwa kuwo inyanga yamaSiko. Lokhu kuhloswe ngakho ukuqhakambisa amasiko kanye nokuqhakambisa ubudlelwane kuzinhlanga ezahlukene.