INJABULO ibibhalwe ebisweni ngenkathi izisulu eziwu-500, ezakhahlamezwa zikhukhula, zigixabezwa ngezijumbana zokudla inhlangano engenzi nzuzo i-Emadlangeni Skills Development Academy, eyaseMadlangeni, Utrecht, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Lenhlangano esibalulwe ngenhla ibihambisana ne-Industrial Development Corporation (IDC), ukuyolekelela le mindeni, esibalulwe ngenhla. Kuphinde kwavela ukuthi lezijumbana zigcwala indlu ngoba kuzo kukhona 25kg Maize meal, 10kg Rice, 10kg Flour, 10kg Brown Sugar, 22 Cooking oil, 5kg sugar beans, X6 Tin fish, Soups, Salt, Tooth paste,Sanitory towels, X2 Sunlight Bar Soap, kanye nama-vegetables , afana noPotatoes, Beetroot, Butter Nut kanye no Onions. Ngokusho komphathi walenhlangano engenzi nzuzo, uMnu Mgazi Ntshangase, baphinde banikela ngezingubo ezimbili kanye nesipontshi kuzisulu, ngasinye Abahlomulile abaseDundee kanye naseDannhauser, abakhahlanyezwa zikhukhula zikaDecember 2023 kanye nezakulonyaka-2024. “ Sihambele lezindawo siyi-Emadlangeni Skills Development Academy, sisuka endaweni yase-Utrecht, emva kokuba sibahlonzile bonke laba abakhahlamezeka,” kusho yena uMnu Ntshangase. Uqhube wathi basungula lenhlangano ngo-2019, kodwa base beyibhalisa ngokusemthethweni ngo-2021 kwaCIPC ngaphansi kweDepartment of Social Development. Umphathi ukuvezile ukuthi ubambisene no Nksz Sibahle Buthelezi kanye Nksz Busisiwe Mhlanga. Uthe inhloso enkulu yale nhlangano yabo ukufundisa intsha ngamakhono kwi-Sewing, Agricultural Farming, Welding kanye neCarpentry. Uqhube wathi inhlangano yabo ibhalise ngaphansi kwe FP&M Seta for Clothing Manufactoring NQF Level 6. Uphinde wathi ba accredited with AgriSeta for Crop Production NGF Level 3 kanye ne-Animal Farming NQF Level 6.