UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, KwaZulu-Natal, usuxwayise umphakathi ngokuthi kuzohlasela izimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kanye nezikhukhula okusesigabeni sesibili. Okhulumela umnyango osubalulwe ngenhla esitatimendeni, uMnu Siboniso Mngadi, uthi abe South African Weather Services usumemezele ukuthi izindawo ezizocaphazeleka yilezimvula ezinamandla kuzoba i-Alfred Duma-Ladysmith, Big Five Hlabisa, Hluhluwe, Dannhauser, eDumbe, eMadlangeni, Endumeni, Jozini, Msinga, Mthonjaneni, Mtubatuba, Newcastle, Nkandla, Nongoma, Nquthu, Ulundi, Umhlabuyalingana, uMhlathuze kanye noPhongola. Uthe ezindaweni eziseNyakatho zilindelekile izimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu. Umphakathi uyaxwayiswa ukuba ungalokothi uzame ukuwela imiful egcwele futhi engenisayo. Uqhube wathi nalabo abahamba amabanga amade kumele baluhlehlise uhambo lwabo uma bebona ukuthi isimo sezulu asisihle kahle ukuze bangabeki izimpilo zabo encupheni. “ Ezindaweni ezisemakhaya abantu abahlala ngasosebeni lomfulaa kumele baqinisekise ukuthi bakhuphukela ezindaweni eziphezulu ngoba eziphansi zinobungozi bokuhlaselwa zikhukhula,” esho. Uphethe ngokuthi abezezinhlekelele bagcwele kubo bonke omasipala ukuze baqaphe isimo, uma kuvela izimo eziphuthumayo.