NGESEKELA Meya woMkhandlu Amajuba ngenkathi kunochungechunge lwentuthuko edidiyelwe.
UCHUNGECHUNGE lwentuthuko edidiyelwe luhambisana nesabelomali sika-2024/2025, kuphethwe endaweni yakwaMdakane, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natala, mhlaka 18 April 2024. Loluchungechungwe kuqalwe ngalo ngembizo yamakhosi, abaholi bendabuko, Izinduna, izakhamuzi ngomhlaka 16 April 2024, kuMasipala waseMadlangeni ngoba kuphethwa kulendawo esibalulwe ngenhla, kwenziwa uMkhandlu wesiFunda Amajuba ngenhloso yokuletha izidingo emphakathini. Kuvelile ukuthi lolu chungechunge beliholwa nguSekela Meta ukhansela T.E Mthembu. USekela Meya uKhansela Mthembu ukuvezile esitatimendeni esithunyelelwe leli phephandaba ngumnyango wezokuxhumana ukuthi , lokhu noma lolu chungechunge kuhloswe ngalo ukuphucula izimpilo zomphakathi ikakhulukazi lezi ezihlwempu, futhi ezibhekene nezinselelo zezimali kakhulu ngenxa yokwesweleka kwamathuba omsebenzi kanye nobubha. “ Siyaqhubeka futhi sizibophezele ekutheni sikhulise umnotho siphinde silwisane nesihlava sokungaziphathi kahle kwabantu bakulesifunda, sibambisane neminyango kahulumeni eminingi, izinhlaka zomphakathi, abazimele kanye nezinye izinhlaka zomphakathi , nosomabhizinisi,” kusho uSekela Meya Mthembu. Uthe kwilesabelo mali esendlulile simbonile umasipala wethu esebenza ngokuzikhandla ekushintsheni nasekuphuvuleni zimpilo zabantu. Uqhube wathi singenelelile ezinhlelweni zokuthuthukiswa kwentsha ngaphansi kwezinhlelo ezithinta ezolimo, ukongiwa kwezemvelo, ukuvulwa kwamathuba omsebenzi e-EPWP kanye nokufakwa emsebenzini usalolongwa ngaphansi kweziqu ozifundele phecelezi internships. Uqhube wathi kulonyaka zimali sikhonile ukwakha inqalasizinda ebhekelele ezezinhlekelele phecelezi Amajuba District Municipality’s Disaster Centre, ezosiza kakhulu izakhamuzi zakulesifunda uma zibhekene nezimo eziphuthumayo kanye nezezinhlekelele. Ngokuthunywa umphakathi kuloluchungechunge ebesilwenze kulabomasipala asebebalulwe ngenhla sikwazile ukubeka imali ngezinhlelo ezahlukahlukene kulonyaka zimali ezime kanje:
• Operation and Maintenance – kuwo wonke amaWadi ase-Emadlangeni nawase-Dannhauser – R9 927
500,01
• PMU Topslice – Kuwo wonke amawadi-Emadlangeni kanye nawase-Dannhauser – R2 337 200,00
• Emergency Water Supply to Ramaphosa, Hilltop & Skombaren – Dannhauser
Ward 1,2,3 & 7 – R45 000 000,00
• Reduction of Non-Revenue Water via reduction of real losses – Dannhauser
Kuwo wonke amawadi nase Emadlangeni Ward 2 – R10 000 000,00
• COVID-19 Intervention MIG/WSIG Reprioritisation – Dannhauser kuwo wonke amawadi –
R5 000 000,00
IDP & Budget Review Roadshows 2024-2025
• Sewer AC Pipeline Replacement in Dannhauser & Durnacol – Dannhauser
eWadi 2 – R13 000 000,00
• Emadlangeni Sanitation Infills eWadi-1 3 4 5 and 6 Rural Areas of
Emadlangeni LM – Emadlangeni eWadi-1, 3, 4, 5 & 6 – R16 631 547,34
• Removal and Replacement of Asbestos Cement Water Pipelines in
Emadlangeni – Emadlangeni eWadi-2
• Zaaihoek Bulk Water Infrastructure – Emadlangeni eWadi-4
• Augmentation of Existing Septic Tanks and Construction of Sewer Pipelines –
Emadlangeni eWadi-2
• Re-furbishment of Water and Wastewater Treatment Plant – Utrecht WTW –
Emadlangeni eWadi-2 – R2 000 000,00
• Re-furbishment of Water and Wastewater Treatment Plant – Utrecht WTW
Phase 2 – Emadlangeni eWadi-2 – R10 000 000,00
Budget highlights
The Draft Budget for 2024/2025 has a surplus of R 25 211 701 which will still need to
be assessed by Provincial Treasury.
• Total Operating Income of R 331 047 037.
• Total Operating Expenditure of R 305 835 336.
• Total Capital Transfer of R 129 345 261.
“ Ezicelweni ezifakwe nosomabhizinisi abancane , zizamile ukuzibophezela ngokubazisa ngokubanikelela ngamabhara ikakhulukazi laba abagxile kwezolimo , saphinde sabanika nazo zonke izinsiza zasezingadini. Asigcinanga lapho siphinde sanikelela ngemali enwu-R3 500.00, kosomabhizinisi abawu-15, abancane., kanti abahlomule kuloluhlelo bavela koMasipala okuyi-Newcastle, Emadlangeni kanye naseDannhauser, UMnyango wezokuThuthukiswa komnotho (The Local Economic Development) phecelezi LED, iphinde yamemezela abawinile kumcintiswano wosomabhizinisi abaholwa abantu abasha, lapho obaqwaqwade emakhanda ekhale wemuka nemali ewu-50 000,00, olale isibili wathola-R30 000, 00 kanti ophume isithathu yena uthole – R20 000,00. Umenenja walomkhandlu osubalulwe ngenhla uMnuP.M Manqele, ekhuluma KwaMdakane, uncome wonke amalunga omphakathi abe yingxenye lwalo chungechunge lwentuthuko edidiyelwe, ebekuhloswe ngayo ukuphucula izimpilo zabantu.