AMAPHOYISA asOsizweni, eNewcastle, abephume umkhankaso futhi eyingxenye yomgubho wezinsuku ezingu-16 zokulwisana nokuhlukunyezwa kwezingane Kanye nabesifazane. Lamaphoyisa asebalulwe ngenhla abehambisana namaphoyisa esifazane nawe aphekhuza ebabaza ethi Phansi Phansi ngokuhlukunyezwa kwezingane kanye nabesifazane. Lamaphoyisa hambele lezindawo ezilandelayo Osizweni, Mpola, Blaaubosch. Isiqubulo sosuku besithi Phansi ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane Phansi, Phansi ngokushushumbiswa kwabantu besifazane phansi. Kanti abagcinanga ngalokho babe sebesabalalisa amapheshana achazayo ukuthi umuntu ubona kanjani ukuthi uyahlukunyezwa, ngoba bekubeka kucaca ukuthi ukulimala kwesosha elilodwa ukulimala kwawo wonke, yingakho bethi abesifazane abazibheke futhi bazibike izigameko zodlame ezibhekiswe kubo, futhi bangahlali ebudlelwaneni obuhlukumezayo ngenxa yokusaba ihlaza nokuthi uvikela izingane.
Lube yimpumelelo ukhetho lohlaka olusebenzisana namaphoyisa eNquthu
NGAMALUNGA amasha e-CPF eNquthu.Isithombe.SITHUNYELWE LUBE yimpumelelo ukhetho lohlaka lomphakathi olusebenzisana namaphoyisa (Community Policing Forum), phecelezi CPF, obelubanjelwe eholweni lomphakathi Ezinkondlwaneni...