IZIKHALI nezidakamizwa ezishaqwe kuboshwa abasolwa
KUBOSHWE abasolwa abangu-17 okubalwa kubona nabokufika abangenazimvume zokuba kuleli zwe ngokutholakala kwabo nezikhali eziyingozi, eNewcastle.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa aseNewcastle oPhiko lwe-Crime Prevention, Sector Policing kanye neNewcastle Municipality By-Law Officers, bebenomkhankaso wokulwisana nokushushumbiswa kwezidakamizwa, ukubheka abokufika abangenazo izimvume zokuba kuleli, kanye nobugebengu, ngenkathi kuboshwa laba basolwa.
Okhulumela amaphoyisa aseNewcastle, uLizzy Arumugam, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa abangu-17 ngamacala ahlukene okubalwa kuwo ukutholakala nezidakamizwa, izikhali ezinobungozi nabokufika abengenazo izimvume zokuba kuleli namanye.
“Lokhu kwenzeke ngenkathi amaphoyisa abenomkhankaso wokukhuculula emigwaqeni lapho ebevimba abantu abaseshe ukuthi baphetheni,” kusho u-Arumugam.
UKhomishana wamaphoyisa eNewcastle, uBrig Vassie Naidoo, uzincomile lezi zinhlaka zomthetho ngokusebenza ngokuzikhandla ekulwisaneni nabokufika abakuleli ngaphandle kwezimvume, ukushushumbiswa kwezidakamizwa nokuphathwa kwezikhali ezinobungozi.