KWESOBUNXELE nguKhomishana waMavulandlela uNksz Nomlindelo Dlamini, uMnu Vusi Leeu kanye noNkkThandi Mavundla, ngenkathi kucotshelelwana ngolwazi.Isithombe.SITHUNYELWE
UBE yimpumelelo umhlangano wokucobelelana ngolwazi eDundee Environmental Centre, eDundee, ngeledlule lapho bekuhlangene khona amavulandela abeqhamuka ezifundeni ezintathu okungaMajuba, uMzinyathi noThukela.
Lo mhlangano wokucobelelana ngolwazi bekuhloswe ngawo ukufundisa othisha ngokuba amavunlandlela, bese ulwazi abalutholayo baludlulisele kubafundi babo ezikoleni abafundisa kuzona.
OnguKhomishana waMavulandlela KwaZulu-Natal, uNksz Nomlindelo Dlamini, nophinde afundise eMnambithi Primary School Scout Group, eMnambhithi, uthe ngalolu qeqesho nokucobelelana ngolwazi bahlose ukushintsha impilo yentsha ngoba bayabona ukuthi isiphumile endleleni nenhlonipho ayisenayo.
“Lezi zingane sezingene kakhulu ezidakamizweni ezindaweni ezihlala kuzo, ngoba ayikho into eziyenzayo ziqhuba ububhoklolo nasezikoleni. Nasezikhathini zakudala ayekhona amavulandlela, lapho abantwana babefundiswa khona indlela yokuziphatha, okubalwa kukho nokupheka ukudla ngaphandle komlilo nebhodwe.
Esikoleni engifundisa kuso, iMnambithi Primary School sengikwazile ukushintsha impilo yezingane futhi nezidakamizwa seziziyekile.
Ngakho ngizizwa ngithokoze kakhulu ngobaba sengibona impilo yabo seyishintshile, sebekhula ngendlella yokuba yizingane, ngisebenzisa ubuholi bami nobuvulandelala,” kusho uNksz Dlamini.
Uphethe ngokuthi othisha kumele bakuqinisekise ukuthi lolu qeqesho nokucobelelana ngolwazi bayakudlulisena ezinganeni ukuze ziphile impilo engenabudlova.
Selidumela emasumpeni ngemiphumela ka-matric
SEKUSELE izinsuku ezingu-5 uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal umemezele imiphumela ka-matric yango-2024 yalabo abebebhala iphepha le-National Senior Certificate (NSC).Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uNgqongqoshe...