ESITHOMBENI imali ezowinwa. Kwesingezansi asebeke bawina kulokuklonyelisa. Izithombe.ZITHUNYELWE
INHLANGANO yezokugembula i-Hollywood Foundation, isikhiphe isimemezelo sokuthi kuzobuya ukuklonyeliswa kosomabhizini okwaziwa ngokuthi i-KZN Bambelela Business Awards.
Kukholakala ukuthi loku klonyeliswa kosomabhizinisi babantu abamnyama kwaqala ngonyaka u-2023, ngenhloso yokuklomelisa osomabhizinisi abasafufusa (Small to Medium Enterprise), phecelezi SMME’s, baphinde baxhaswe ngezinsiza zokukhulisa amabhizinisi.
Okhulumela le nhlangano yokugembula i-Hollywood Foundation uVuyisile Ngobese uthe, esitatimendeni kulo mklomeliso kuphinde kuhlonishwe osomabhizinisi abasafufusa futhi abenza kahle emphakathini abaphinde badale namathuba omsebenzi.
Uthe esitatimendeni labo somabhizinisi babamba iqhaza elikhulu ekuvulweni kwamathuba omsebenzi yingakho bezobaklomelisa ngamagalelo abo.
“Labo somabhizinisi bazobe beklonyeliswa ngaphansi kwesiqubulo esithi ‘Bambelela’ (Hold On -Your Dreams Are Valid), amaphupho akho ayafezeka futhi asemqoka,” kusho yena.
“ I-Bambelela Business Awards akuhlosiwe ngayo ukuklomelisa osomabhizinisi kuphel kodwa baphinde basekwe ngoxhaso lwezimali kanye nezinsiza zokukhulisa amabizinisi abo.
“ Loku klonyeliswa obaziwa ngeBambelela Business Awards kwaqala kwethulwa eMpumalanga ngo-2023, kwaya eGauteng, eLimpopo, KwaZulu-Natal kwagcina ngokwethulwa e-Western Cape,” kusho uVuyisile Ngobese, eqhuba ethi selokhu kwaqala loku klonyeliswa nokusekwa kosomabhinisi sebuxhase osomabhizinisi abasafufusa abangu-161 ngemali engaphezulu kwengu-R6.7 million.
Uthe ,loku klomelisa nokuxhaswa kosomabhizinisi kwaqala eminyakeni emibili endlule.
Uqhube wathi lomqhudelwane okuhloswe ngawo ukuklomelisa osomabhizinisi baphinde baxhaswe, kubuyela KwaZulu-Natal, osekuyihlandla lesibili kulo nyaka ilandelana, kanti nemali okuzoklonyeliswa ngayo kulonyaka ingu-R1million kanti ngonyaka ondlule kwakungu-R750 000.
“ Lolu hlelo luzothatha izinsuku ezimbili okokuqala, osomabhizinisi bazokhombisa ngemisebenzi yabo (exhibition) , bese kuthi ngosuku lwesibili osomabhizinisi bazoyokhombisa iphaneli ngemisebenzi yabo bese beqala becela noxhaso (pitching),” esho.
Uqhube wathi, iphanela yamajaji asemkantshubovu azobe esecubungula ukuthi ingabe imaphi amabhizinisi azodla umhlanganiso.
“ Ukuklonyeliswa kwalonyaka kuyathokozisa kakhulu ngoba kuhloswe ngakho ukuthuthukisa osomabhizinisi,” kusho uBabongile Mkhize oyi-Group Transformation Manager ku-Hollywoodbets, eqhuba ethi osomabizinisi baKwaZulu-Natal , bakhombisa ukuthakasela loku klonyeliswa kanye nokuxhaswa kwamabhizinisi futhi bayaqinisekisa ukuthi bakhipha unyawo uma bekhangisa ngamabhizinisi abo futhi amajaji agcine edidekile ukuthi azoqoka liphi ngoba asuke edlana umlala.
Uthe esitatimendeni i-Hollywoodbets imema bonke osomabhizinisi abasathuthuka ukuba beze bazongenela lomqhudelwane okuhloswe ngawo ukuklomelisa osomabhizinisi nokuphathuthukisa.
“ Kuvulwe ngoMsombuluko mhlaka 10 February 2025 ukufakwa kwezicelo sokungenela amaBambelela business Awards 2025,” esho uMkhize, eqhuba ethi kuzobizwa labo eziphumelele izicelo zabo ukuba bangenelele, kanti kumele bavakashele inkundla yezobuchwepheshe ye Hollywood Foundation: https://hollywoodfoundation.co.za kanti ukwamukelwa kwezicelo kuvalwa mhlaka 10 March, at 23:59.
Kunemigomo nemibandela elandelayo uma ufuna ukungenela:
®Ukuze ungenele kumele inkampani yakho ibe ngephethwe abantu abamnyama ngokugcwele (100% Black owned)
®Kube ngebhaliswe njengebhizinisi KwaZulu-Natal
®Kumele ibhizinisi libe nonyaka owodwa lisebenza futhi kubonakala ukuthi belisebenza unyaka wonke
®Kumele uchaze ukuthi nhloboni yebhizinisi lakho
Uphethe ngokuthi uma unemibuzo mayelana ne Bambelela Business Awards ungangena kulezobuchwepheshe https://hollywoodfoundation.co.za/ https://hollywoodfoundation.co.za/bambelela-business-awards-kzn-2025
