KUBOSHWE umsolwa wesibili kwelobulawa kwephoyisa elingu-Constable elabulawa ngoFebhuwari kulo nyaka, eMtshezi, ngemuva kwezinyanga eziyisithupha kwagwetshwa umsolwa wokuqala ngoMashi.
NgoMashi wakulo nyaka iNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu yagweba uNkanyiso Mazibuko iminyaka engu-25 ngemuva kokumthola enecala lokubulala uConstable Oscar Makhathini owabulawa ngoFebhuwari 17 kulo nyaka.
UMazibuko okusolakala ukuthi nguyena owadubula wabulala uConstable Makhathini wagwetshwa ngoMasni 25 kulo nyaka, ngemuva kokuboshwa kwakhe. Kule minyaka engu-25 agwetshwa yona kubalwa engu-15 yokubamba inkunzi kuhlonyiwe, eyizigwebo azidonsa kanye kanye.
Esitatimenendeni esithunyelelwe abezindaba, okhulumela oKlebe esifundazweni saKwaZulu-Natal, uLt-Col Simphiwe Mhlongo, uthe sekuboshwe umsolwa wesibili ecaleni lokubulawa kuka Constable Makhathini owayesebenzela esiteshini samaphoyisa sase AMangwe, eMtshezi.
“USihle Kubheka oneminyaka engu-30 wavela kafushane eNkantolo kaMansthi yaseMgungundlovu ngoOkthoba 9 2024, ebhekene necala lokubulawa kuka Constable Makhathini, emva kokuba eboshwe ngamaphoyisa ophiko lwe DPCI Tactical Management Operations Section mhlaka 8-Okthoba 2024. Icala libe selihlehliselwa u-Okthoba 25,” kusho uLt-Col Mhlongo.
Isitatimende sika-Lt-Col Mhlongo siveza ukuthi uConst Makhathini wayengekho emsebenzini ngosuku abulawa ngalo. Kubikwa ukuthi umufi wabona uMazibuko noKubheka bebamba inkunzi esinye seziphaza emphakathini, wabe esekhipha isibhamu sakhe somsebenzi ethi uzama ukungenelela, kodwa wathola ukudubuleka. Waphuthunyiswa esibhedlela, nokho kwafike kwamenela esanda kufika.
“Kwabe sekuvulwa icala lokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe kanye nelokubulala esiteshini sase Escourt, idokodo labe selidluliselwa koKlebe. Uphenyo loKlebe lwaveza ukuthi uMazibuko wadubuleka ngelanga lesigameko futhi naye wangeniswa esibhedlela, wabe eseyaboshwa watheswa amacala amabili, okungelokubamba inkunzi kuhlonyiwe, nelokubulala,” kuqhuba uLt-Col Mhlongo. kusho yena.
UMazibuko ugwetshwe iminyaka engu-25 kelokubulala neminyaka engu-15 kelokubamba inkunzi kuhlonyiwe kodwa lamacala azohambisana.