UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa kwabantu kuzwelonke uMmamoloko Kubayi emkhankasweni wokuyohlola iprojekti endaweni yase Sonheuwel ebizwa ngokuthi CRP, aphinde anikezele ngokusemthethweni kwamatayitela. Omunye ozophinde avakashele kulendawo ngenhloso yokuyohlola iprojekti kwizakhamuzi zase Sonheuwel Residential Unit Project, edolobheni laseMbombela. eMpumalanga. Kuvelile ukuthi inhloso yalokuvakasha kuhloswe ngakho ukuyobheka ukuthi uhamba kanjani umsebenzi wokwakhiwa kwama yunithi awu-168, kelendawo esibalulwe ngenhla. Kuphinde kwavela ukuthi lesakhiwe siqukethe 150 two-bedroom kanye nawu-18 kuwo lama yunithi asebalulwe ngenhla. “Lokhu kuhloswe ngakho ukuthi abantu babe nomakhelwane abahlala kahle kulezindawo kuphinde kukhuluswe nomnotho wakulendawo kulabo abazobe beziqashile lezi zindlu,” esho. Uqhube wathi uzobe engahambi yedwa kulomkhankaso kodwa uzobe ehamba nemeya yakulelidolobha i-City of Mbombela, uMhlonishwa Sibongile Makushe-Mazibuko, lapho abazophinde banikele ngokusemthethweni amatayitela awu-1400, kulabo abagunyaziwe ukuba babe ngabanini bezindlu endaweni yase Umjindi ebaberton. Lokhu kuzokwenzeka ngoba uhulumeni uyaqinisekisa ukuthi ubuyisa isithunzi kubantu ukuba babe nophahla baphinde babe ngabanikazi bezindlu. Uhlelo lume kanje: isigaba sokuqala sobe sise:
1.In-Loco Inspection at Sonheuwel CPR Project
Usuku:Tuesday , 30 April 2024
Isikhathi:09:40
Indawo: Sinhouwel CPR Project Site, City of Mbombela , Mpumalanga
Isigaba sesibili. 2 Handover of Title Deeds and Community engagement
Tuesday: 30 April 2024
Isikhathi:10.30
Venue: Ext 12 Open Field, Ward 45 Umjindi , Barberton
Imibuzo mayelana nalomcimbi ungaxhumana no Hlengiwe Nhlabathi-Mokota, Spokesperson to the Minister on 064 754 8426/ Hlengiwe. Nhlabathi@dhs.gov.za noma Lilly Nongqotho on 065 530 5411/ Inogqotho@mpg.gov.za