UGWETSHWE iminyaka engu-12 uZiphezinhle Gcaba (19), iNkantolo yesiFunda iGreytown, emva kokulahlwa icala lokubulala. Kuvelile enkantolo ukuthi mhlaka ngo-October, 2022, kwavulwa icala lokubulala eKranskop, emva kokuba kwatholakala owesifazane owabe edutshulwe ekhanda. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esiFundeni Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana, icala labe selinikezwa uSgt Mhlongo ukuba aliphenye. “UMhlongo wathola ukuthi ngelanga lesigameko uGcaba wabonakala ephuma kulomuzi ephethe isibhamu ngesandla, wabe esebizwa ezophoswa imibuzo mayelana nokuhlobana kwakhe nesigameko. Uthe uGcaba wavele walivuma icala washo ukuthi nguyena owabulala umufi, labe icala lisiwa enkantolo okuyilapho egwetshwe khona, wabe estshelwa ukuthi akanalungelo lokuphinde aphathe isibhamu. Kwesinye isigameko uMvelo Lembethe (25) waboshelwa ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni e Kranskop ngo February 2020 esasinezinhlamvu, wavela enkantolo wanikezwa ibheyili , wangaphinde wabuya ngenxa yokuphula imigomo yebheyili. Inkantolo yabe isikhipha incwadi egunyazwa ukuba aboshwe, kwathi uSgt Ziqubu nethimba lakhe bakhona ukumbopha , wavela enkantolo yesiFunda i-Greytown wabe esegwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele naye futhi ngenkathi elahlwa icala kuthiwe akasagunyaziwe ukuba aphinde aphathe isibhamu.