AMAPHOYISA abophe abasolwa abangu-235 ashaqa nezibhamu ezingu-361 ngenkathi kunomkhankaso wokulwisana nobugebengu KwaZulu-Natal.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, kukholakala ukuthi iningi lalaba ababoshiwe bayamaniswa namacala okuhlukumeza abesifazane nezingane ngokuzidlwengula.
“Kule nyanga esiphuma kuyo uNovemba, amaphoyisa abhekelele amacala okuhlukunyezwa kwabesifazane nokudlwengulwa kwezingane akwaze ukubopha abantu abangu-235 ngamacala okudlwengula. Laba ababoshiwe bayingxenye yabangu-13 054 ababoshwe ngamacala ahlukahlukene,” kusho uColonel Netshiunda.
Uqhube wathi njengoba kusanda kwethulwa umkhankaso wezinsuku ezingu-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, i-16 Days of Activism for No Violence Against Women and Children, amaphoyisa asebophe abantu abangu-227 abayamaniswa namacala okudala udlame olubhekiswe kubantu emakhaya kwaphinde kwaboshwa abangu-39, abayamaniswa namacala okunukubeza ngokocansi.
“Abangu-3 977 baboshelwe amacala anodlame, kwathi abangu-194 nabangu-199 baboshelwa ukubulala nokuzama ukubulala.
Abangu-69, baboshelwe ukugqekeza ezindlini, abangu-40 baboshelwa ukugqekeza emabhizinisini, kwathi abangu-1 949 baboshelwa ukushaya ngenhloso yokulimaza.
Amacala amaningi ababoshelwe wona awokusebenzisa izibhamu uma benza wona lamacala,” kuqhuba uColonel Netshiunda.
Kanti ngenyanga edlule uNovemba amaphoyisa athole izibhamu ezingu-361, okubalwa kuzo imijojantaba engu-31, ama-shotgun angu-19, noqhwasha abangu-15.
UColonel Netshiunda uphethe ngokuthi kuphinde kwatholakala izinhlamvu ezingu-3 352 ngenkathi kuqhutshwa lo mkhankaso wokulwisana nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni, kwaphinde kwaboshwa abantu abangu-394 ababoshelwe ukuphuza esidlangalaleni nabangu-741 bona ababoshelwe ukudayisa utshwala ngokungekho emthethweni.