ITEKISI emuke nomfula. Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi , usendlulise amazwi enduduzo kubangani nasemndenini womuntu wesifazane oneminyaka engu-33 . ondlule emhlabeni ngenkathi itekisi abegibele kulo limukile emfuleni i-Ncamndane, ngaphansi kukaMasipala eMadlangeni, e-Utrecht, ngoLwesine.
Kubikwa ukuthi itekisi ibizama ukuwela umfula inabagibeli abane ngenkathi imukiswa ngamanzi kulomfula iNcamndane.
UMfu Buthelezi uthe esitatimendeni , ngenkathi itekisi imukiswa ngamazi , ibinabagibeli abane ,kwandlula emhlabeni oyedwa ,kwathi abathathu bakwazi ukuhlamba baphepha, ngeshwa lona wesifazane wehlulekile, waminza.
“ Sithole umbiko wokuthi abazezinhlekelele bathunyelwe kulendawo yesigameko kodwa behlulekile ukuthola isidumbu sikamufi,” kusho yena esitatimendeni, eqhuba ethi, ukuthungathwa kwesidumbu sikamufi kuyaqhubeka.
UMfu Buthelezi ube esenxusa izakhamizi , ukuba zihlale zisiqaphile isimo sezimvula ezinamandla ezihambisana nezikhukhula.
Uthe esitatimendeni, ngoLwesibili kanye nangoLwesithathu esisuka kulo bekuqagulwe ukuthi izimvula zizobe zikusigaba sesine nesesihlanu (Level 4 and 5), ziqagulwe yizangoma zezulu, ebezinobungozi obukhulu.
Uqhube wathi esitatimendeni, i-Provincial Disaster Management Centre, iyaqhubeka nokuthola imibiko mayelana nokuqhubeka kwesimo sezinhlekelele njengoba nezimvula ezinamandla zilibe ziqhubeka esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Uphinde wexwayisa izakhamizi ukuba zigweme ukuthatha uhambo olungenasidingo , wabe esenxusa bonke laba ababuyela emakhaya nabaya ezinkonzweni zePhasika ukuba basiqaphe isimo semvula ukuze baphephe.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, izakhamizi ezihlala ezindaweni eziphansi kumele ziqikelele ukuthi zikhuphukela ezindaweni eziphakeme ukuze ziphephe.