NGUMEYA waseMzinyathi k anye namalunga omphakathi wasoGunjana, kunikelwa ngamanzi. Izithombe.Zithunyelwe
IZA nawala intuthuko kuMasipala wesiFunda uMzinyathi , kuyoze kuzonde umthakathi njengoba namhlanje lo masipala wethule ngokusemthethweni uhlelo lokufakwa kwamanzi oluzodla isamba sika-R44. 5 million oGunjana, eMsinga. Lomsebenzi owethule oGunjana owethulwe uMeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi u-Petros Ngubane uzohlukaniswa kabili njengoba uhlelo lokuqala luka-R21.4 million lufaka ukufaka kwama-borehole amabili , pump station , ukuxhunywa Kwamapayipi nompompi. Kulolu hlelo iwu-384 imizi ezophuza amanzi.”Uhlelo lwesibili lufaka ukufaka kwama-reservoirs amabili, ukuxhunywa kwamapayipi, nompompi abawu 10 kanti abantu abazohlumula kulolu hlelo bangaphezulu ku-2000, esho.
Imeya ithi lo msebenzi uzophinda udale namathuba emisebenzi kubantu bendawo
IMeya iphinde yanxenxa abantu ukuba basenzisana nosonkontileka kungabi khona kuphazamiseka komsebenzi.Ngesonto eledlule bekwethula uhlelo lokufaka amanzi KwaMazicentele eNquthu esamba sikaR34.8 million. Namhlanje kwayisoGunjana.
NgoLwesihlanu kubuyelwa khona eMsinga, kuvulwa amanzi eNkobongweni, kuthi ngesonto elizayo avulwe eZimbubeni khona futhi eMsinga.
Thuthuka Mzinyathi