NJENGOBA kuyisikhathi sikancibijane, kuyaziwa ukuthi abantu abaningi babhonasile kanti futhi nezinkampani eziningi zivalile, zivalele amaholide kaDecember! Nezigelekeqe zibheke ukubhonasa nazo . Yingakho amaphoyisa aseNewcastle exwayisa umphakathi owakhele lendawo mayelana nobuqola obenziwa emishinini ekhipha imali, okudlangile okushiya izakhamuzi zikhala ngesikhathi sikaKhisimuzi. Qaphela imali yakho oyisebenzele kanzima unyaka wonke, ingathathwa kalula ilezigelekeqe nazo ezifuna amabhonasi ezingawasebenzelanga. Amaphoyisa athe indlela edumile eyenziwa yizigebengu ukuthi zime eceleni kwemishini zizenze abebekhipha imali, bese kuba ngathi zikhohlwe iziliphi emshinini. ” Ngenkathi zisulu zifaka izinombolo zazo eziyimfihlo, lezigelekeqe zizoza sicele ukuthatha iziliphi mbumbulu, ngenkathi izisulu zithikamezeka , izigebengu zokhansela lokhu obusukwenzile ngenhloso yokukhipha imali bese zikushintshela ikhadi lakho, unganakile,” kusho amaphoyisa , eqhuba , ethi uzothi ungakaboni nakubona ukuthi bakushintshele ikhadi, lezigilamkhuba zobe seziqalile ukukhipha imali yakho ungazelele. Amathe athe lezigilamkhuba zikwenza lokhu kubantu abadala ikakhulukazi esikhathini esiningi. Aqhube athi kwesinye isikhathi lezigelekeqe ziyaye zithi sicela ukusiza abantu abadala kanti zihlose ukubabamba inkunzi. ” Kwesinyeisikhathi lezigilamkhuba ziyaye zifike zithi ziyasiza zikhiphe ikhadi lesisulu bese zibaleka nalo ngoba zisuke zibeke okuthizeni okusuke sekufunde yonke imininingwane yesisulu, bese ziyokhipha imali kwenye indawo,” esho. Okubalulekile okumele ukwenze noma ukucophelele uma uyokhipha imali yilokhu okulandelayo: Ungavumeli umuntu akuphazamise uma ukhipha imali emshinini. Ungavumeli ukusizwa ngumuntu ongasebenzi ebhange noma ngabe uhlupheke kangakanani. Uma ngabe uyabona ukuthi khona ofuna ukukushintshela ikhadi noma inombolo yakho eyimfihlo, funa usizo ngokushesha noma memeza abantu abaseduzane. Gcina izinombolo zokuvala amakhadi akho asebhange efonini yakho ngaso sonke isikhathi ukuze uma bekuntshontshela ikhadi usheshe ulivale. Uma usola ukuthi izigilamkhuba zilithathile ikhadi lakho fonela lezinamba eziphuthumayo ulivale masishane bangaze bakudlele imali yakho oyisebenzele kanzima.