KUBOSHWE umsolwa wokufika ekhoneni u-Grey no-Ann, eDundee, eNyakatho yeKwaZulu-Natal, emva kokuba etholakale nezidakamizwa eziwu-28, zohlobo lwecocaine. Kuvelile ukuthi amaphoyisa alunywe indlebe ngomsolwa oneminyaka ewu-33, ukuthi uphethe izidakamizwa maphakathi nedolobha eselibalulwe ngenhla. Okhulumela amaphoyisa esiFundeni saseDundee uConst Siyabonga Nkwanyana, abe eselunywa indlebe ngemoto ebihamba umsolwa athe uma eyisesha athola lezidakamizwa esezibalulwe ngenhla emotweni yalona wokufika. Uqhube wathi umsolwa usevelile eNkantolo kaMansthi waseDundee, mhlaka 15 April 2024, ebhekene necala lokushushumbisa nokutholakala nezidakamizwa. Kwesinye igameko esingahlobene nalesi amaphoyisa ashaqe izinkomo eziwu-11, ebekubikwe ukuthi zintshontshiwe, zishaqwa Umzinyathi District Task Team. Uqhube wathi ngokombiko othunyelwe emaphoyiseni obekubikwe ukuthi zintshontshwe enPaddantein epulazini endaweni yaseHelpmekaar. Uthe kubikwe ukuthi lezinkomo bezisepulazini thizeni e-Dundee, abe esenikela khona azifica lezinkomo eziwu-11, ebezingagadwe muntu, zibe sezindluliselwa kumnikazi wazo, kodwa enye yezinkomo ayikatholakali kanti uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka, ngenhloso yokuthungatha leli sela lalezinkomo.