UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uhlele umhlangano ophuthumayo nabaholi nezinye izinhlaka zakuMasipala i-Ray Nkonyeni ngenhloso yokuqhamuka nesisombululo sokuletha uzinzo kulo masipala.
“Lo mhlangano ophuthumayo okuhloswe ngawo ukuletha uzinzo kulo masipala i-Ray Nkonyeni kuhlelwe ukuba ube seCouncil Chamber kuMasipala i-Ray Nkonyeni, ku 10 Connor Street, maqondana nePort Shepstone Civic Centre, ngoLwesihlanu ngo-10 ekuseni,” kusho uButhelezi esitatimendeni.
Uqhube wathi bengumnyango babone kubalulekile ukuba bangenelele emva kokuba abasebenzi bakulo masipala besuse izibhelu eziholele ekutheni kuphazamiseke ukusebenza kwansukuzonke kulo masipala.
“Sifisa ukuba zonke izinhlaka ezithintekayo ziphume nesixazululo esisheshayo ukuze kubuyele uzinzo kulo masipala,” kuphetha uButhelezi, obes esemema nabezindaba ukuba yingxenye yalo mhlangano.
Abamabandla balwemukele ushintsho oluhlogozwayo lokukhethwa kwesigungu esiphezulu, eMajuba
YISIGUNGU sesikhashana esimele amabandla ehlukene eMajuba.Isithombe.SITHUNYELWE ABAMABANDLA eMajuba balwemukele ushintsho oluhlongozwayo lokukhethwa kwesigungu esiphezulu esizomela lesi siFunda Amajuba kunhlangano engamele...