ABANTU abaningi bebebhizi nokugubha usuku lwamalungelo (Humans Right), ezweni lonke mhlaka 21 March 2024, kodwa hhayi amadoda abasolwa abane bona abebehlela ukwenza ubugebengu. Laba basolwa bebebhizi behlela ubugebengu ngalolusuku obelugujwa oselubalulwe ngenhla baboshiwe emva kokutholakala nezibhmu ezingekho emthethweni Kanye nezinhlamvu. Kuvelile ukuthi kuboshwe abasolwa abeneminyake esukela kwewu-23 kuya kwewu-30, beboshwa endaweni yaseWasbank, beboshwa ngamaphoyisa oPhiko lwe-Umzinyathi District Task Team Kanye nawe-Wasbank Detectives. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa kwisiFunda Umzinyathi uMnu Siyabonga Nkwanyana izolo ebusuku (21 March 2024), amaphoyisa abehambe ezulazula ebheka izigilamkhuba , abe eselunywa indlebe ngokuthi kunemoto enabasolwa abane abahlomile. Uthe labasolwa bebephinde basolwa ngokugqekeza imizi eminingi , ukuzama ukubulala kanye namacala okubulala. “ Ngokombiko otholwe ngamaphoyisa laba basolwa bebesezinhlelweni zokuyokhanda amacala, kanti amaphoyisa akhonile ukuvimba imoto abebehamba ngayo ayisesha athola izibhamu lwamapistols amabili Kanye ne38 revolver, eyodwa kwabathathu balaba basolwa, babe sebeboshwa khona lapho endaweni yesigameko.,” esho. Uqhube wathi bonke labasolwa bazohlonzwa bengakabenzi ubugebengu obebuhleliwe. Uphethe ngokuthi abanayo Indawo yezigebengu kulesifunda esesibalulwe ngenhla ukuthi abathinteki yini kwamanye amacala ngaphansi kwesiFunda Umzinyathi. Ukhomishana kulesiFunda saseMzinyathi Maj-Gen Francis Slambert uwancome kakhulu amaphoyisa aseWashbank ngokubopha laba basolwa.