ZITHUKA izanya Izinduna eMajuba kanti ezinye zezazitholele ngisho onogada imbala! Lokhu kuvezwe yizinduna ngenkathi bekunomhlangano obubizwe nguMasipala wesiFunda Amajuba ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano Phakathi kukamsipala kanye nabaholi bendabuko. Kuphinde kwavela ukuthi sekuneSilo mbumbulu esihamba sisabisa Izinduna sizitshela ukuthi aziyeke ukusebenzela isizwe. Enye induna eveze lokhu futhi engathandanga ukuba igama layo lidalulwe ikuvezile ukuthi isisaba ngisho ukuphuma endlini ngenxa yokusatshiswa ilesilo mbumbulu. Iqhube yathi lesisilo sesibeke abantu baso njengamakhosi kulesifunda esesibalulwe ngenhla. UMnyango wezokuphepha kanye nokuvikelwa ngomphakathi (Community Safety and Liaison), uNksz Zandile Gumede uthe ukubulawa kwaMakhosi neZinduna sekuyintsakavukela esifundazweni kodwa akwaziwa ukuthi zibulalelwani. “Ukubulawa kweziNduna naMakhosi kwaqala ngonyaka u-2019,” esho. Uqhube wathi Izinduna naMakhosi kumele zivikeleke. “ Singumnyango sifuna ukuthola umnyombo wokuthi zibulalelwani Izinduuna naMakhosi esifundazweni,” kulanda yena. Uthe kamuva nje sekubulawe sekubulawe Amakhosi ayishumi kodwa okuxaka kakhulu wukuthi Amakhosi ayisishiyagalolunye abulawela emakhaya. Uqhube wathi lokhu kuyizinkomba ezithi Amakhosi abulawa ngabantu abawaziyo. Lezi Nduna zibhekene nenye ingwadla kanye nezinselelo zokungaholi emnyangweni ngoba kutholakala ukuthi zingambili ezigodini zazo. Uphinde wakuveza ukuthi esigamekweni esashiya umnyango wethukile esokubulawa kweNkosi yaseMantungweni uSphandlandla Khumalo noNdlukulu, kwaphinde kwabulawa omunye umholi wendabuko eCharlestown.Uphethe ngokuthi kunembango omkhulu emindenini yamakhosi kubangwa bona ubukhosi.