INHLANGANO yamabandla ahlukene Itrinity Minister’s Fraternal, abezeNhlallakahle, abeZemidlalo, amaCiko kanye namaSiko bebebambe imbizo yamadoda eFairbreeze , eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngelendlule lapho bekukhulunywa ngokuziphatha kwamadoda. Kuzokhumbuleka ukuthi nasemandulo amadoda ayebizelwa imbizo lapho ayedodiswa khona, etshelwa ukuthi indoda kumele iziphathe kanjani.UDkt Dumsane Ndlovu ucelwe ilezinhlaka zikahulumeni ukuthi akahlanganise amadoda ukuze bezokwazi ukuxoxa ngezinkinga ezihlasele amadoda, baphinde bawafundise ngokubaluleka kwendoda ekhaya nasemphakathi. UDkt Ndlovu utshele leliphephandaba ukuthi inhloso bekungukuchazela abantu besilisa ukuthi uma esefuna ukuba yindoda ikuphi okufanele bakwenze okuzokbenza babe ngamadoda aqotho, angabi ngumuntu wesilisa. Uthe kunomehluko Phakathi komuntu wesilisa nendoda. UMnu Ndela Ntshangase nguyena obeyisikhulumi sosuku. Amadoda abethamele lembizo abheme akholwa ngezinkulumo ezakhayo, zikaMnu Ntshangase, njengoba ubewadodisa. Abezenhlalakahle nabo bachazile ukuthi banazo izinhlelo lapho kudodiswa amadoda a, aphinde alulekwe ngendlela youziphatha nokungahlukumezi abantu besifazane kanye nezingane. Bathe bahlangabezana nalezinkinga zokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane nsuku zonke. Uthe ukuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane sekuyintsakavukela ngoba bayashaywa, badlwengulwe babulawe ngabantu besilisa okuyibona okudingeka ngabe bayabavikele ezigebengwini. Baqhube bathi udlame lwasemakhaya ludalwa ngabantu besilisa abangadodisiwe.UDkt Ndlovu uchazele amadoda ukuthi babaluleke kangakanani kuNkulunkulu, nokuthi kwenziwa yini ukuthi uJehova uNkulunkulu ayethembe indoda aze abeke kuyo imbewu. Uphethe ngokuthi uNkulunkulu Wadala umuntu wesilisa wabe esebona ukuthi kumele abe nomsizi wakhe Wadala owesifazane, manje kuyaxaka ukuthi uhlukumeze umsizi wakho ugcine ngokumbulala.