KUBOSHWE abasolwa abathathu abaneminyaka esukela kwewu-23 kuya kwewu-50 emva kokuba betholakale nezibhamu eziwu-4. Kuvelile ukuthi laba baboshwe uPhiko lwe National Deploymeny Team, Ezingulubeni, eMsinga. Kuphinde kwavela ukuthi laba baboshwe ngoLwesihlanu mhlaka 23 August 2024 , ngezintathakusa emva kokuba lelithimba lilunywe indlebe yokuthi kunabasolwa abawu-3 abaphethe izibhamu. Okhulumela amaphoyisa esiFundeni Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana uthe kuboshwe abasolwa abawu-3 emva kokuba betholakale nezibhamu eziwu-4 kanye nezinhlamvu konke okungekho emthethweni. Uthe amaphoyisa aloluphiko oselubalulwe ngenhla agasela kulendawo lapho kwakuthiwa khona laba basolwa abathola nezibhamu ezingekho emthethweni akungama AK47 amabili , i-303 kanye nesibhamu sohlobo lwepistol nezinhlamvu. Uthe lemijojantaba etholakale kulabasolwa izohamba iyohlonzwa ukuba ayithinteki yini ezenzweni zokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe kanye nasekubulaweni kwabantu. Bobathathu labasolwa kulindeleke ukuba bavele maduzane eNkantolo kaMantshi yaseMsinga.