KWESINGENHLA Inkosi Mangendlovu Mchunu kanye noNgqongqoshe uMfu Buthelezi. Kwesingezanzi UNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Senzo Mchunu no Mfu Buthelezi.Izithombe. ZITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Senzo Mchunu, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi bahambele umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kwenkosi yasemaChunwini, Inkosi Mangendlovu Mchunu obenza iminyaka engu-60 ubudala, esigodlweni i-Mchunu Royal Residence, eMsinga, ngeSonto.
Kuthiwa okwenze labo ngqongqoshe bakahulumeni bahambele lo mcimbi yingenxa yokuthakasela kwabo amagalelo enkosi uMchunu ekuholeni kwayo isizwe sasemaChunwini.
UButhelezi uthe: “Inkosi Mchunu ihola isizwe sasemaChunwini ngobuhlakani nokuqinisekisa ukuthi intuthuko uyibeka phambili esebenzisana nezinhlaka zikahulumeni.
Ibambe iqhaza elikhulu kwiKZN Provincial House of Traditional and Khoisan Leaders, ngoba naye uyinxenye yaleli komiti,” kusho uButhelezi.
UButhelezi uphinde wakuveza futhi ukuthi Inkosi uMchunu iyahlala esigungwini esiphezulu sikaMasipala waseMsinga.
UMeya kaMasipala waseMsinga, uMnuz Felenkosini Joshua Sikhakhane, obekhona naye kulo mcimbi, uyincome kakhulu Inkosi yakwaMchunu.
“Inkosi uMchunu yenza umsebenzi omkhulu ekuthathweni kwezinqumo eziphusile kumasipala.
“Isebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekulekeleleni nekuthathweni kwezinqumo eziphusile ngenhloso yokuhanjiswa kwezidingo esizweni esiholayo,” kusho uSikhakhane.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMchunu uthe: “Inkosi idlala indima enkulu ekuholweni kwalomasipala waseMsinga futhi iyahlonishwa kakhulu.”
NoSihlalo wendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal, Inkosi Sifiso Shinga, naye uyincomile Inkosi uMchunu, wathi ibambe elikhulu iqhaza kulesi sigungu samakhosi, ikakhulukazi uma kunezingxoxo mpikiswano.
“Uyaluleka kakhulu ngobuhlakani bakhe futhi usebenza ngokukhulu ukuzinikela nokuzikhandla.”
Inkosi uMangendlovu yangena kulesi sikhundla ngonyaka u-2016, ngemva kokukhothama kukayise, uSimakade owadlula emhlabeni ngo-Agasti ka-2015.
Selidumela emasumpeni ngemiphumela ka-matric
SEKUSELE izinsuku ezingu-5 uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal umemezele imiphumela ka-matric yango-2024 yalabo abebebhala iphepha le-National Senior Certificate (NSC).Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uNgqongqoshe...