NGABEBETHAMELE umhlangano e-Ray Nkonyeni.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ubize umhlangano ophuthumayo ngenhloso yokuqhamuka nesixazululo phakathi kwezisebenzi zikaMasipala i-Ray Nkonyeni, ePort Shepstone, izinyunyana kanye nosomabhizinisi emva kokuba izisebenzi zingenele isiteleka esesithathe izinyanga ezintathu.
Kuthiwa lesi siteleka sesiphazamise ukuhanjiswa kwezidingo ezakhamizini ezingaphansi kwalo masipala. Lo mhlangano ubungoLwesihlanu, ePort Shepstone Council Chamber, ePort Sheptsone.
“Inhloso yalo mhlangano bekuwukuqhamuka nesisombululo esitelekeni esesithathe izinyanga ezintathu, lapho izisebenzi bezikhala ngokungakhokhelwa izimali ezikweletwa zona kusukela ngo-2016, emva kokuba kwahlanganiswa oMasipala ababili owaseZinqolen nowaseHibiscus Coast, kwase uqanjwa ngokuthi i-Ray Nkonyeni,” kusho uButhelezi esitatimendeni.
Lo mhlangano ubuhanjelwe yiphini leMeya waseRay Nkonyeni, uMnuz Sibusiso Shange, amakhosi endawo, osomabhizinisi, abezokuvakasha, nabakhokhi bentela.
“Lesi siteleka sishaye kakhulu kosomabhizinisi ikakhulukazi laba abahweba ngezokuvakasha ngoba baluze imali eningi ngenxa yalesiteleka.
Ukuhanjiswa nokuphakelwa kwamanzi kuphazamisekile, ukuthuthwa kwendle nokuphakelwa kukagesi nakho kuphazamisekile.
Inkantolo yagunyaza lo masipala ngo-2016 ukuthi izisebenzi ziyithole le mali ezikweletwa yona okungakaze kwenzeke namanje, okuyingakho lezi sebenzi zibone ukuthi zingenele lesi siteleka.
UMasipala i-Ray Nkonyeni wasiphosela inselelo isinqumo esathathwa yinkantolo yezabasebenzi okuyimbangela yokuba lezi sebenzi zingenele isiteleka.
Ngenyanga ka-Okthoba ngonyaka ophelile lezi zisebenzi zinqume ukungenela isiteleka ngoba lo masipala ungasihloniphanga isinqumo senkantolo,” kuqhuba uButhelezi.
Kuwo lo mhlangano, amakhosi anxuse ukuba kube nesixazululo esisheshayo phakathi kwezisebenzi kanye noMasipala iRay Nkonyeni.
Ngakolunye uhlangothi, uButhelezi ube esezwakalise ukudumala ngeMeya yalo masipala, uNkk Zodwa Mzindle, ngokungabi yingxenye yalo mhlangano obekuhloswe ngawo ukuqhamuka nesixazululo sokuqeda isiteleka.
“UMeya waseRay Nkonyeni bekumele aphendule imibuzo ethize, kodwa ubengekho emhlanganweni.
Thina njengomnyango sibone kubalulekile ukuba singenelele ukuze kuqhanyukwe nesixazululo ngalolu daba. Abaphathi balo masipala sibanike amasonto amabili ukuthi baqhamuka nesisombululo.
Ngizobuyela kuwona lo masipala ngoJanuwari 31 ukuze ngibone ukuthi sesikhona yini isixazululo.
Amakhosi nezinye izinhlaka okukhona kuzo osomabhizinisi, bafisa ukuthi ngabe lesi siteleka siyaphela ngokushesha, kube nozinzo kulo masipala iRay Nkonyeni.”