I-PROVINCIAL Disaster Management Centre isikuqinisekisile ukuthi sekutholakale izidumbu zabantu abathathu eLadysmith ngaphansi kukaMasipala i-Alfred Duma. Kuvelile ukuthi ngoMgqibelo abezezinhlekelele bathole imoto ngaphansi kwebhuloho eliku N11, okuthe uma beyihlola lemoto bathola izidumbu ezintathu kuyona. Kuphinde kwavela esitatimendeni esithunyelwe ukuthi kukholakala ukuthi lemoto okwakubikwe ukuthi idukile eBergville mhlaka 31 December 2023. Ngokusho kokhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMnu Siboniso Mngadi uphenyo mayelana nalemoto etholakele luyaqhubeka. Uphinde wakuveza ukuthi kuminze enye indoda Ezakheni,eLadysmith, iminza ngenkathi ibibhukuda nabangani bayo. Uqhube wathi kukhona nesinye isigameko esenzeke endaweni yaseNhlanhleni ngoMgqibelo ebusuku ngaphansi kukaMasipala wesiFunda i_Harry gwala, lapho kuminze khona owesilisa obebhukuda Emfuleni iPholela. Uthe amaphoyisa oPhiko lweSAPS Search and Rescue , abiziwe ngeshwa nangenxa yezimvula ezinamandla wakhonanga ukuqhubeka nokuzama ukutakula isidumbu. UNgqongqoshe walomnyango osubalulwe ngenhla uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, wendlulise amazwi enduduzo kuyo yonke imindeni esemanzini, wabe esethi amathimba ezenhlekelela nezinye izinhlaka bakhona ukusiza abakhahlanyezwe yizikhukhula kusukela ngonyaka ophelile.