AMAPHOYISA aseDannhauser aphenya icala lokubanjwa kwenkuzi kuhlonyiwe kulandela ukubanjwa inkunzi kowesifazane ekhonjwe ngesibhamu emotweni yakhe emgwaqeni wobhuqu endaweni yaseCooper, eNyanyadu.
Okhlumela amaphoyisa aseNewcastle, uLizzy Arumugam, uthe lona wesifazane ubezihambela ngemoto yakhe emgwaqeni wobhuqu ngaseCooper ngenkathi ekhonjwa ngumsolwa ngesibhamu ngezithuba zabo-6.30 ntambama, wabe esemthathela umakhalekhukhwini.
U-Arumugam uqhube wathi uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka njengoba kungakaboshwa muntu mayelana nalesi sigameko, wabe esenxusa noma ngubani obonile kwenzeka lokhu ukuba abikele amaphoyisa aseDannhauser.
Kwesinye isigameko, amaphoyisa aseNewcastle aphenya icala lokubanjwa inkunzi ngokujwayelekile okungenandluzula okwenzeke ngoLwesibili ngezithuba zabo-1 ntambama emgwaqeni u-Ayliff Street, eNewcastle, lapho kuthiwa owesifazane ubezihambela ngenkathi kuqhamuka iqulu labantu besilisa emva kwakhe waphucwa isikhwama sakhe nomakhalekhukhwini.. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.