UNQGONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe lenyuke ngo-3.2% izinga lokuphasa kubafundi baka-matric bekilasi lika-2024.
Kuzwelonke lenyuke kusukela ku-8.7% lisuka ku-8.2 %i, kanti abafundi abathole ama-Bachelor bona babe ngu-300 000.
UHlomuka uthe isifundazwe saKwaZulu-Natal siqophe umlando ngokwenyusa izinga lokuphasa kwabafundi baka-makamatikuletsheni, wabe esebonga abazali, abafundi kanye nothisha ngokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukwenyusa izinga lokuphasa lakulo nyaka.
“Ukusebenza ngokubambisana, ukuzikhandla kanye nokuzinikela kwalezi znhlaka yikona okudale ukuba izinga lokuphasa kulesi sifundazwe saKwaZulu-Natal lenyuke kakhulu.
Abafundi abaphase kakhulu esifundazweni abaqhamuka ezindaweni zasemakhaya,” kusho uHlomuka, ophethe ngokubonga abafundi abenze kahle ezifundweni zabo.
Kuphinde kwavela ukuthi asikho isifundazwe nezifunda ezithole ngaphansi kuka-84%, kanti KwaZulu-Natal isifunda esiphume phambili ngemiphumela ka-matric nguMkhanyakude.
Ukukleliswa kwezifunda zaKwaZulu-Natal ngemiphumela yazo ka-matric kume kanje:
Umkhanyakude-92.8%
Ugu-91.7%
Amajuba-89.8
Zululand-89.5%
Ilembe-89.6
uMgungundlovu-89.3%
Umzinyathi-89.1
Harry Gwala-88.9%
Pinetown-89.4
Umlazi-89.8
King Cetshwayo-88.6
uThukela-85.0
Kuzwelonke:
Free State ngo-91 %
KwaZulu-Natal-89.5%
Gauteng-88.4
North West-87.5%
Western Cape-86.6
Limpopo-85.1%
Mpumalanga-84-9%
Eastern cape-84.9%
Northern Cape-84.2%