AMAPHOYISA aseNewcastle asekhiphe isexwayiso kubafundi abasanda kuphothula u-matric ngogibe lwezikhungo zemfundo ezingabhalisiwe ngenxa yokuba magange befuna ukuqhuba izifundo zabo.
Okhulumela Amaphoyisa aseNewcastle, uLizzy Arumugam uthe esitatimendeni:” Laba abebefunda u-matric ngonyaka odlule futhi abaphokophele ukuyofunda kumele baqinisekise ukuthi izikole abayofunda kuzo zibhalisiwe ngaphansi komnyango i-South African Qualifications Authority (SAQA), noma ngaphansi koMnyango wezeMfundo.
“Okunye okumele bakubheke futhi bakuqinisekise ukuthi lezozikole zamabanga aphakeme zigunyaziwe yini ukufundisa izifundo ezithize ngoba ethi izikhungo lezi zingabhaliswa kodwa zingabhaliselwa ukufundisa izifundo ezithize noma imikhakha ethize,” kusho u-Arumugam esitaimendeni eqhuba ethi, qaphelani njengoba kuqala unyaka ziningi izikole ezingoqhimukhowe ezihlose ukuqola labo abafisa ukuba ngabafundi.