NGUMNU Collins Letsoalo isikhulu esiphezulu esikhwameni zesingozi Road Accident Fund
ABESIKHWAMA esibhekelele abalimele ezingozini zomgwaqo i-Road Accident Fund (RAF) sebekhiphe isexwayiso abasibhekise kogalakajana babammeli abaqola izisulu ezisuke zehlelwe wukulimala ezingozini zemigwaqo eNingizimu Afrika.
Kubikwa ukuthi kuneqembu labathile lomshoshaphansi elinothisa abezinkampani zabammeli ngokuqola izisulu zokulimala ezingozini zomgwaqo.
Kuthiwa laba bazinothisa ngokuthi uma isiphumile imali yezisulu ezisuke ziyithole kulesi sikhwama se-RAF, bese abammeli bengabaniki kodwa bababoleke imali yokuthenga ukudla, bese beyifuna isiphindiwe isinenzalo.
Oyisikhulu esiphezulu kwa-RAF, uMnu Collins Letsoalo uthe, kunamaqola abammeli abaqola izisulu ngokuziboleka imali yokuhamba kanye neyegilosa kuphela, ekubeni imali yazo ibe isikhokhiwe yilesi sikhwama, bese beyifuna ezisulwini uma sebezikhokhela isinenzalo ephezulu kakhulu.
“ENingizimu Afrika izinga lokungalingani lisephezulu kakhulu. Ziningi izingozi ezenzekayo lapho othola khona ukuthi izisulu ziyalimala, kodwa zingadluli emhlabeni, bese kuqhamuka laba bammeli abangamaqola, babasayinise izivumelwano abengeke bakwazi ukuzibuza ukuthi zithini kanjani futhi abangachazeliwe ngazo, kuthi lapho sekuphuma izimali zabo zokulimala bagcine beqoliwe.
Kunesikhathi lapho izisulu ziphoqwa khona ukuthi zisayine ukuthi imali yazo zizoyithola kancane kancane, ngoba behlose ukudla inzalo yazo noma bazikhokhele ngenzalo yesamba sezimali zazo.
Izisulu zizithola sezisayina izivumelwano ezingazazi, ngoba azichazelwa uma zisayina ukuthi zisayina ini, ziyaphoqwa ukuba zisayine, kanti kwesinye isikhathi zigcina ngokusayina zingaphinde zizwe lutho oluvela kubammeli ngokuthi kuqhubekalani ngezicelo zazo zokunxeshezelwa ngokulimala emigwaqeni,” kusho uMnu Letsoalo.
Uqhube wathi kuyenzeka ukuthi laba bammeli abangamaqola bahlale nemali yesisulu iminyaka engaphezulu kwemihlanu bengasiniki, ekubeni i-RAF isikhokhile bebe besazidlela inzalo abanye bagcine bengazinikanga nhlobo izisulu.
Unxuse zonke izisulu esezike zabhekana nale nkinga kubammeli ukuba zixhumane nalesikhwama uRAF ngokushesha.
“Siyisikhwama sizamile ukuthi lokhu sikudlulisele kubo bonke abayizisulu nasebengaba yizisulu zalezi zigilamkhuba ezingabammeli ukuba beze bazobika, iminyango ivuliwe.
Laba abasuke befake izicelo banelungelo lokwazi ukuthi bathole malini ngokubandakanyeka ezingozini zomgwaqo, futhi banelungelo lokuthatha udaba lwabo baluse enkantolo ngenhloso yokuthola ukuthi bahlomula malini kule mali yesikhwama.”
Ngolwazi oluthe xaxa, abathintekayo bangashayela kule nombolo ethi: 087 820 1111, ngezikhathi zomsebenzi kusukela ngo 7.45 ekuseni kuya ku-4 ntambama ngoMsombuluko nangoLwesihlanu. Nakwi-website ye-RAF www.raf.co.za.