UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa kwabantu (Human Settlements), kuzwelonke uMmamoloko Kubayi, usekhiphe ithimba elibhekelele ukwakha izindlu eziphuthumayo ukuba liyobheka umonakalo ezindaweni ezihlelekile nezingahlelekile ekhahlamezwe zimvula ezinamandla kwaNongoma ngempelasonto esisuka kuyo. Kuvelile esitatimendeni esithunyelwe ilomnyango osubalulwe ngenhla ukuthi ngokuhlonzwa kwesikhashana , kuvele ukuthi izindawo ezifana nase-Ekubuseni, Gomodo Kanye naseHolinyoka, yizona ezikhahlamezeke kakhulu ngenkathi kuhlasela lezimvula ezinamandla ebezihambisana nemimoya nokuduma kwezulu. Kuphinde kwavela ukuthi imizi emine yakulendawo icekeleke phansi kangangoba abanikazi bayo basale dengwane.
Uqhube wathi esitatimendeni emva kokuba laba abezimo eziphuthumayo ekwakheleni izakhamuzi ( Emergency Housing Unit), behlonze imizi ekhahlamezekile, bazobe sebeqala ukuyilungisa. Uthe kunezinhlelo ezizolandelwa, olokuqala ukinikezela ngezimpahla zokwakha kulezakhamuzi imizi yazo ekhahlazamekile, ukwakha izindlu zesikhashana (temporary Residential Unit), kulaba abebehlala ezindlini zodaka ezidibikile Kanye nokulungisa nokulungisa zonke izindlu ezicekeleke phansi emva kokuba abe National Home Builders Registration Council (NHBRC), sebehlonzile noma bebonile ukuthi umonakalo odalekile ungakanani. “Ngijube lelithimba ukuba liqinisekise ukuthi zonke izindlu zezakhamuzi ezicekeleke phansi ziyalungiswa ngokushesha,”kusho yena. Uqhube wathi sifake masinyane abeNHRBC ukuze basilekele ukuze kulungiswe ngokushesha izindlu ezicekeleke phansi. “Sasungula uhleo lokwakhiwa kwezindlu eziphuthumayo (established Emergency Housing Unit), ngonyaka u-2023, okuhloswe ngalo ukusheshe kulekelelwe abekhahlanyezwa umlilo Kanye nezimvula,”kusho yena , eqhuba ethi lokhu bakwenza Kanye nokubambisana nezinye izinhlaka zikahulumeni. “Inhloso yalama emergency housing unit, ukuba sisheshe sigqamuke nezixazululo zokuthi ababhidlikelwe yizindlu bayakhelwa ngokushesha noma ziyalungiswa,”kuphetha ungqongqoshe Kubayi.