LUQHUBEKE ngaphandle kwezihibe ukhetho, olukhethelekile obeluqhubeka kuzo zonke izikhungo zokuvota lapaha eNingizimu Afrika. Isikhulu esiphezulu seKhomishana yezokhetho (Independent Electoral Commission), phecelezi IEC. Uqhube wathi bona bagqugquzela ukuthi abantu baphume ngobuningi babo bayovota kusasa ukuze kufezeke amaphupho abo okukhetha uhulumeni othandwa yibo. Uphinde wanxusa umnyango wezokuHlunyeliswa kwezimilo ukuba baqinisekise ukuthi abasemajele bayavota ikakhulukazi laba ababhalisile. Lesi khulu uMnu Sy Mamabolo uphinde wanxusa ukuthi amaqembu aqinisekise ukuthi awadali udlame futhi ayabekezelelana ngoba kuzobe kukhethwa kulolukhetho olubhekwe ngamehlo abamvu ngamaqembu ezepolitiki.