OYINHLOKO yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Nkosinathi Ngcobo usekhiphe isekhula ebalula ngenqubomngomo yokuvakashelwa kwezikole zinhlaka ezahlukene.
UMnuz Ngcobo ukhipha lesekhula ngenhloso yokucacisa ngemigomo okumele ilandelwe ngamalunga omphakathi, osopolitiki, ezinye izinhlaka zomphakathi kanye nabezindaba uma befisa ukuvakashela izikole zomphakathi zalapha esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Uthe esitatimendeni, esithunyelelwe abezindaba kumele kulandelwe umthethomgomo olawula ukuphepha ezikoleni (Regulations for Safety Measuers at Public Schools), njengoba uchitshiyelwe ku Notice R1128 Government Gazette 29376 dated 10 November 2006.
“ Umgomo noma i-Regulation 7 , ithi amalunga omphakathi, osopolitiki, abezindaba nezinye izinhlaka zomphakathi, banelungelo lokuvakashela izikole ngenhloso enhle, kodwa akumele ukuvakasha kwabo kuphazamise isiko lokufunda nokufundisa, futhi kungabi nenhlese yokuzoqhuba ezepolitiki,” kusho uMnuz Ngcobo esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, inqubo mngomo kumele ilandelwe uma zonke lezi zinhlaka zifisa ukuvakashela izikole zomphakathi.
Nansi imigomo okumele ilandelwe:
* Noma ngabe ngubani onesifiso sokuvakashela izikole zomphakathi kumele athole imvume eshicilelwe phansi kwinhloko yomnyango noma kuthishanhloko.
*Kumele leso sicelo sokuvakasha sithunyelwe futhi senziwe esikhathini esiyizinsuku ezingu-30 uma kunenhloso yokuvakasha , ngaphandle uma kunesimo esiphuthumayo ,okungadingeka kwenzeke ngesikhathi esifushane.
* Incwadi yesicelo sokuvakashela isikole somphakathi kumele iqukathe lokhu: usuku nesikhathi sokuvakasha
*Inhloso yokuvakasha
*Igama lalona osuke efuna ukuvakashela isikole
*Kumele kushicilelwe okuzobe kuzodingidwa ngosuku lokuvakasha
*Uthishanhloko akavumelekile ukunqabela noma ngabe ngubani ozobe ephethe imvume ebhaliwe yokuvakashela isikole somphakathi, kodwa okumele kuqinisekiswe ukuthi ukuvakasha akuphazamisi ukufunda nokufundiswa kanti futhi akuphazmisi amapholisi esikole.
Kukhona okungamele bavinjelwe ukuza ezikoleni futhi abangaziding izimvume,
- Akuvumelekile ukuvimbela abaqhamuka emnyangweni , abeze ngenhloso yokuzohlola ukuthi kuhamba kanjani ekusebenzeni kwesikole: Okubalwa kubo oNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, oNgqongqoshe, iziphathimandla , abezinhlaka zomthetho okubalwa kubo amaphoyisa kanye namasosha.
- Abazali bona bavumelekile ukuvakasha lapho kufunda khona abantwana babo inqobo nje uma bengezikuphazamisa ukusebenza kwesikole kwansuku zonke.
Kumele kulandelwe le migomo
*Uma wehlulekile ukulandela lemigomo ebekiwe ngenhla kungavimbela isivakashi ukuba singene emagcekeni esikole
* Othishanhloko kanye nabaqondisi beziFunda kumele baqikelele ukuthi le migomo iyalandela kanti futhi bayaqinisekisa ukuthi ayiphulwa le migomo yokuvakashelwa kwezikole.